
Ubhoke ngolaka uYoussef ebuzwa ngenkinga yeKaizer Chiefs
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uKhalil Ben Youssef ubhoke ngolaka kulandela ukubuzwa ngokuhluleka ukuxazulula indlala yamagoli kuleli qembu.
Isimo siphenduke saba muncu ngesikhathi kunesithangami sabezindaba eChiefs Village eNaturena ngoMsombuluko wabe esebuzwa nagle nkinga.
Naphezu kokujika kwezinto zibe ngconywana ngaphansi kobuholi bakhe ebambisene noCedric Kaze, ubuthuntu phambi kwepali buseyisithiyo.
Izinombolo zikhuluma indaba edabukisayo: IChiefs isashaye amagoli angu-35 kuphela emidlalweni engu-27 kuyo yonke imiqhudelwano.
Izimbangi esicocweni seBetway Premiership iMamelodi Sundowns sezishaye amagoli angu-57 emidlalweni engu-30 kanti i-Orlando Pirates yona angu-64 emidlalweni engu-31.
ULAKA LOMQEQESHI
Ubuzwe ukuthi kungani ithimba labaqeqeshi lingakwazanga ukulungisa inkinga yokushaya amagoli.
UYousseff noKaze banikwe umsebenzi wokuhola iKaizer Chiefs ngasekuqaleni kwesizini ngemuva kokugxalwa kukaNasreddine Nabi.
Umxhilile ke lo mbuzo lo mqeqeshi odabuka eTunisia, wabe esebhoka ngolaka empendulweni yakhe.
“Ucabanga ukuthi ukuba umqeqeshi webhola kuwumsebenzi olula? Ukube bekulula, noma ngubani ngabe uyawenza,” kuphawula uYoussef.
“Kithina, into ebaluleke kakhulu indlela iqembu elidlala ngayo… uma wakha amathuba bese uhluleka ukuwasebenzisa, yini esingayenza?”
AMAPHUZU KAYOUSSEF
UYoussef wesekele impendulo yakhe emaphuzwini amathathu:
- Ubunjalo bomsebenzi wokuqeqesa: Ukuqeqesha kuncike ekukwazei ukubhalansisa ukuvala emuva nokuhlasela.
Akulula ngendlela abantu abacabanga ngayo ukuthi wukukwenza abadlali bashaye amagoli. - Umqeqeshi akangeni enkundleni: Indima yabaqeqeshi ukuqinisekisa ukuthi iqembu lidlala kahle futhi liyawakha amathuba okushaya amagoli.
Ngale kwalokho kusuke sekusele kubadlali abasenkundleni ukusebenzisa lawo mathuba. - Isixazululo: UYoussef ube esephonsela izintatheli inselelo ngesixazululo sale nkinga, ethi: “Uma unesinye isixazululo, ungasisiza ngaso.”
UMTHELELA WOKUNGASHAYI AMAGOLI
Yize lumxhila udaba lokuhluleka ukushaya amagoli kweqembu lakhe, uYousef uvumile ukuthi lube nomthelela omubi emkhankasweni wabo weCaf Confederation Cup.
IKaizer Chiefs ikhishwe esigabeni samaqoqo kwiConfed Cup ngenxa yomehluko wamagoli okwenza iqembu lase-Egypt i-Al Masry lidlulele phambili.
Ibe wukuphela kweqembu emiqhudelwaneni yeCaf elifinyelele kumaphuzu angu-10 kodwa langaqhubekela phambili.
UYoussef uvumile ukuthi ukwehluleka ukushaya amagoli amaningi yikho okubenzele phansi.
“Kube ngumphumela odumazayo… kufanele sifunde ukubaluleka kokuthi mangaki amagoli esiwashayayo nokuthi mangaki amagoli esiwadedelayo.”
FUNDA NALA | Lizosala nakanjani elilodwa laKwaZulu kwiNedbank Cup
Abalandeli bazothemba ukuthi izovela indlela yokuthi iqembu labo lishaye amagoli ikakhulukazi kule midlalo emibili ezayo.
Izobhekana neStellenbosch FC eFNB Stadium ngoLwesibili go-7.30 ebusuku, bese kuba yiPirates enkundleni efanayo ngoMgqibelo emini.
