
Kuvela okuxoshise uSeema kwiSiwelele FC, nozothatha izintambo
I-Siwelele FC seyihlukanise nomqeqeshi u-Lehlohonolo Seema nephini lakhe uWillem Jackson ngokushesha.
Lokhu kulandela ukuqala kabi kwaleli wemnu isizini ka-2026/27 yeBetway Premiership.
Usihlalo uCalvin Le John ukuqinisekisile lokhu esitatimendeni sangoMsombuluko ekuseni.
Lo sihlalo uthi uGodfrey Mosoetsa nguye uzothatha izintambo njengomqeqeshi obambile okwesikhashana.
Uthi lokhu kuzokwenzeka njengoba kusalindwe ukubuyekezwa kwangaphakathi kokusebenza kweqembu nethimba labaqeqeshi.
Lesi sinqumo siza ngemuva kokuthi iSiwelele ihlulwe ngo-3-2 yiKaizer Chiefs eDobsonville Stadium ngeSonto.
Lokho kusho ukuthi u-Lehlohonolo Seema ushiye i-Siwelele FC ingakanqobi emidlalweni emihlanu yeligi, isaqoqe amaphuzu amabili kuphela kwangu-15.
ULe John uthe: “Lesi kube yisikhathi esinzima eqenjini, kanti abalandeli bethu bafanelwe okungcono kunalokhu abakubonile kule sizini.
“Inkolelo yethu kuleli qembu, kubadlali bethu nakulokho esikwakhayo ngeSiwelele ayikashintshi.
“Iqembu libambisene, lisebenza kanzima futhi linomoya wesibindi, ubunye nokulwelana.”
ISiwelele sithi isinqumo ngethimba labaqeqeshi sizomenyezelwa uma ukubuyekezwa sekuphothuliwe.
“Isizini yethu isencane. Sizobhekana nenselelo ephambi kwethu ndawonye, njengeqembu elilodwa nomndeni owodwa,” kusho uLe John.
UMosoetsa manje ubhekene nomsebenzi wokuguqula inhlanhla yeSiwelele ngokushesha ngaphambi komdlalo wabo olandelayo.
I-Siwelele FC izoqala impilo ngaphandle kuka-Lehlohonolo Seema ngokubhekana neMamelodi Sundowns ngoLwesithathu ebusuku.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
