AmaqembuEzintsha

UTinkler ubalisa ngomdlali ‘ophelelwe wuthando lwebhola’

U-Eric Tinkler ukholwa wukuthi umdlali ohlaselayo weCape Town City, uHaashin Domingo, udinga ukubuyelwa wuthando lwebhola. 

UDomingo waqala ukudlala ibhola elikhokhelayo ePortugal ngaphambi kokubuyela kuleli, la afike wadlala khona kwiBidvest Wits ngo-2018. 

Ngemuva kokugqama kwiWits, udlulele kwiMamelodi Sundowns, wanqoba nayo izicoco ezintathu zeBetway Premiership.

Ngesizini edlule, nokho, usayinwe yiRaja Casablanca eMorocco kulandela ukudedelwa yiSundowns, akwangahamba kahle. 

UDomingo ubelizwa ngendaba ijezi ngaphansi kowayengumqeqeshi we-Orlando Pirates uJosef Zinnbauer. 

Ugcine engasaholelwa waze wayobopha le kilabhu kwiFifa, elwela imiholo nemihlomulo.

Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala usebuyele kuleli njengoba manje esesemabhukwini eCityzens. 

“Ngicabanga ukuthi kubalulekile ukuthi siqhubeke nokukholelwa kuye,” kusho umqeqeshi weCape Town City u-Eric Tinkler. 

“Isibonelo nguMarc Van Heerden. Ngesikhathi simsayina, wayelahlekelwe ukuzethemba. “Phakathi nezinyanga ezimbili noma ezintathu wafika wathi ‘umqeqeshi, ungibuyisele uthando lwami lwebhola’.

“Mhlawumbe yilokho okushodayo (nangoHaashim), uthando lwebhola.

“Sibona ukuthuthuka usuku nosuku. Uyazazi ukuthi ubuthaka uma kuziwa ekushayeni amagoli. 

“Siyazi ukuthi yini akwazi ukuyenza, ukuphuma ezikhaleni bese edlala iphasi enhle. Kodwa angakwazi futhi ukushaya igoli?

“Noma yimuphi umdlali ufisa ukuba sezingeni eliphezulu njengomdlali waphambili, angagcini nje ngokwakhela ozakwabo amagoli

“Kodwa yena udinga ukufunda ukuphinde akuthande ukudlala ibhola, futhi ngicabanga ukuthi siyokubona lokho ngokuqhubeka nokumeseka.”