
UKaze uveza isikhalo anaso ngabadlali beKaizer Chiefs
Ngu-Alfred Ngubane
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uCedric Kaze, usedalule izinhlelo zeqembu zokugcina abadlali bekhuthazekile futhi besesimweni esihle ngesikhathi sekhefu laphakathi nesizini.
Ikhefu likaKhisimusi lizoba lide kule sizini ngenxa yeCaf Africa Cup of Nations (Afcon) ezoba seMorocco kusukela ngoDisemba kuya kuJanuwari.
UCedric Kaze uthi ithimba labaqeqeshi belilokhu libakhuthaza abadlali beKaizer Chiefs ukuthi bangadembeseli ngoba lena kuzoba yisizini ende.
“Ngiyabona ukuthi abanye babadlali bethu sebenokudembesela kancane,” kusho uKaze.
“Lokhu kubonakale emidlalweni yethi yakamuva lapho sidedele khona amaphuzu ngendlela engafanele.”
Ukholwa ukuthi iqembu liqine ngokwanele, futhi lingazuza okwengeziwe uma lingqhubeka nokusebenza kanzima.
“Uma abadlali beKaizer Chiefs bebengalandela indlela yethu yokuzilolonga, singabalwa namaqembu aphezulu kwiBetway Premiership.”
UKaze ubalule inkinga elokhu ivela njalo, futhi ebakhubazayo kule sizini akathi bazozama ukuyisombulula njengoba kuyiwa ekhefini.
FUNDA NALA | IPirates isingambhalisa ohlonzwe ukuvala esikaHotto
“Abadlali bethu bayahluleka ukusebenzisa amathuba esiwakhayo kanti lokho kusilahlekisele ngemidlalo ebesingayinqoba kalula”
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
