
Uncoma ukuzikhandla okumvulele amasango aseNaturena
- Intatheli yeLisenethini
Umdlali wasemuva omusha weKaizer Chiefs, uRushwin Dortley, uthi ukusayinwa kwakhe kungenxa yokusebenza kanzima.
Lo mdlali, oneminyaka engu-22, usayine inkontileka yeminyaka emithathu naMakhosi, esuka kwiCape Town Spurs edliwe yizembe ekupheleni kwesizini edlule.
Ukudlala kahle kwakhe akugcinanga ngokukhanga amakilabhu ambalwa kuphela kodwa kuphinde kwadonsa amehlo abaqoki beqembu lesizwe, iBafana Bafana.
UDortley ubengomunye wabadlali abebegijima kwiBafana Bafana ebidlala kwiCisafa ka-2024 eGqeberha ngoJuni.
Engxoxweni abe nayo nabe-iDiski Times, uDortley ugcizelele ukubaluleka kokuzinikela kwakhe.
“Impela kusho lukhulu kimina,” kusho uDortley. “Kukhombisa ukuthi ukusebenza kanzima kwami sekuthela izithelo futhi abantu bayalibona ikhono lami nokuthi ngizimisele ngebhola.
“Mina ngisebenza kanzima futhi ngenza konke okusemandleni ami kuyo yonke imidlalo…
“Akukhathalekile ukuthi iqembu lidlala kanjani, noma izimo elibhekene nazomina okwami wukuthi ngifake amandla ngokugcwel ngoba kuhlale kukhona abantu ababukelayo.
OLUNYE UDABA:Â OweStellies uphawula ngomdlali wakhe okhonjwa kwiPirates
Ukuzinikela nokubekezela kwakhe kuvule indlela kulesi sinyathelo esibalulekile empilweni yakhe, okwenza kubhekwe lukhulu ngegalelo lakhe kwiKaizer Chiefs esikhathini esizayo.
