EzintshaOrlando Pirates

OweStellies uphawula ngomdlali wakhe okhonjwa kwiPirates

  • Intatheli yeLisenethini

Ukaputeni wakhe uDeano Van Rooyen ubengekho ngesikhathi uStellies idlala neTS Galaxy emdlalweni womzuliswano wokuqala weMTN8 ngeSonto ntambama.

IStellies inqobe lo mdlalo obuseDanie Craven Stadium ngo 3-1 ukuze idlulele emzuliswaneni wemidlalo eyandulela owamanqamu. 

Ebuzwa ngokungabi khona kukaVan Rooyen, uBarker uthe ubenokulimala okuncane akuthole ejimini, wanquma ukungamdlalisi ngenxa yesimo senkundla.

“Ube nokutinteka ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, akazange aziqeqeshe izinsuku ezimbili kuleli sonto,” kusho uBarker. 

“Ngakho-ke, bekuyindlela yokuzivikela, nokubuka nezimo zenkundla. Sibone umdlali ofana noKyle (Jurgens) ewuhlobo olufanele lo mdlalo ngenza yokudlalwa kwamabhola amade.

“Bengicabanga ukuthi bangase baqale ngomdlali ofana no(Samir) Nurkovic.

“Ngiyazi ukuthi akadlalanga kakhulu belungiselela isizini, kodwa besicabanga ukuthi ngenxa yenkundla, kungenzeka kube yilolo hlobo lomdlalo, lapho kufaneleke uKyle.

“Futhi ngokusobala besivikela uDeano ukuthi angathunukali. Ngakho bekuyisona sizathu esikhulu leso.” 

UVan Rooyen ukhonjwa kwiPirates kusukela ekupheleni kwesizini edlule kanti bekulindeleke ukuthi ayijoyine ngaphambi kohambo lwayo lwangaphambi kwesizini eSpain.

Isidingo sakhe kwiPirates sihlale obala ngemuva komdlalo wePirates ngoMgqibelo lapho uThabiso Monyane ebedonsa kanzima emuva kwesokudla.

“Futhi yebo, kusobala, kukhona ukuqagela okukhona ngaye kwabezindaba kanti lokho kwenza abadlali, uyazi… 

“Besilokhu sikusho futhi sakugcizelela ukuthi sifuna ukugcina abadlali bethu.

“Sibona sengathi siyiqembu elingafaka inselelo esicocweni seligi nasemiqhudelwaneni yezindebe. 

“Futhi lokho kuyinhloso yethu ukusebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi siyabagcina abadlali bethu.”