EzintshaKaizer Chiefs

UKhune ukhwele wadilika kwiChiefs

Owayengunozinti nokaputeni we-Kaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, usegxeke indlela iqembu elidlale ngayo ngaphansi komqeqeshi omusha uFernando Da Cruz, yize linqobe iToyota Cup.

IChiefs ishaye ompetha baseZimbabwe, iScottland FC, ngo 1-0 eRoyal Bafokeng Stadium ngeSonto, ngegoli elishaywe nguMfundo Vilakazi.

Nokho, uKhune uthe akazange ahlabeke umxhwele ngendlela uDa Cruz ahlele ngayo iqembu, waphinde wagxeka nokungasetshenziswa kahle kwabadlali abasha.

“Ubonile ukuthi iScottland ibiphethe ibhola kakhulu kuneKaizer Chiefs,” kusho uKhune ekhuluma kuSABC1 la asengimhlaziyi khona.

“Uma iChiefs ithola ibhola ibivele ilikhahlele phambili. Besizwile kuthiwa uDa Cruz ufuna iqembu lakhe lidlale ibhola phansi, kodwa angikubonanga lokho.”

U-Itumeleng Khune uthe lo mdlalo bekufanele usetshenziswe ukunikeza abadlali abasha kwi-Kaizer Chiefs ithuba lokuzijwayeza ijezi laMakhosi.

“Emdlalweni onjengalo bekufanele abadlali abaningi, ikakhulukazi abasanda kusayinwa, banikwe amathuba,” kusho yena

Lo nozinti owake wadlalela iBafana Bafana uthe iChiefs ibibonakala kalula indlela ezodlala ngayo.

“Ngicabanga ukuthi iChiefs bekulula ukuyibona ukuthi izokwenza ezikhathini eziningi zomdlalo.”

Uphinde wagxeka indlela uMfundo Vilakazi asetshenziswe ngayo, ethi ubefanele adlale ohlangothini lwesobunxele.

“UMfundo ungumdlali osebenzisa unyawo lwesobunxele. Bekufanele adlale kwesobunxele,” kuqhuba uKhune. 

“Kodwa ubedlala kwesokudla, lapho ephoqeleka khona ukungena phakathi, okuvumele izitobha ukuthi zimvimbe kalula.”

“Ubegcina engena lapho kunabadlali abaningi khona, alahlekelwe yibhola bese iScottland ihlasela ngokushesha.”

UKhune uvumile ukuthi uphoxekile ngendlela iChiefs edlale ngayo, kodwa wathi unethemba lokuthi izinto zizoshintsha uma kuqala isizini yeBetway Premiership.

“Ngiphoxekile ngendlela iKaizer Chiefs evele ngayo namuhla. Kodwa nginethemba lokuthi izinto zizohluka uma sekuqala iligi.”

Nokho, u-Itumeleng Khune uncome i-Kaizer Chiefs ngokugcina inqobe iToyota Cup ngemuva kokuhlulwa emiqhudelwaneni emibili eyedlule yiYoung Africans ngo-2024 ne-Asante Kotoko ngo-2025.

“Lokhu kuzobanikeza ukuzethemba futhi kubeke isisekelo esihle ngaphambi kwesizini entsha. 

“Ngiyethemba ukuthi lokhu kuyisiqalo sezinto ezinhle ezizayo,” kuphetha uKhune.