EzintshaOrlando Pirates

IPirates isayine umgadli wangakhaboHallaand 

I-Orlando Pirates isimemezele ngokusemthethweni ukusayina umgadli waseNorway, uSebastian Pedersen, oqhamuka eqenjini iSogndal Fotball, njengoba iqhubeka nokuqinisa isikwati sayo ngaphambi kwesizini ka-2026/27.

Lo mgadli oneminyaka engu-27 ubudala usayine inkontileka yeminyaka emibili namaBhakabhaka, kanti iqembu linenketho yokuyelula ngomunye unyaka.

UPedersen ungumdlali wakamuva ukujoyina iqembu lika-Abdeslam Ouaddou njengoba lilungiselela isizini lapho lizoncintisana khona kwiBetway Premiership, iMTN8, Nedbank Cup, Carling Cup  neCaf Champions League.

Lo mgadli uqhamuka kwiSogndal, iqembu laseNorway elidume ngokukhiqiza abadlali abanekhono. 

Uke wadlalela amaqembu esizwe aseNorway kusukela kwabangaphansi kweminyaka engu-15 kuze kube kwabangaphansi kuka-21.

Owaziwa ngegama lesidlaliso elithi “Blonde Bomber”, uPedersen ungumgadli odume ngokuqedela amathuba ngokuthinta ibhola kanye kuphela, kunokuba athembele emandleni omzimba.

Izibalo zakhe ziyamkhulumela. Lo mgadli useshaye amagoli angu-51 emidlalweni engu-117 edlule, okuyinto ekhombisa ukuthi uyakwazi ukuthola amagoli njalo.

Ngaleli rekhodi elimangalisayo, izitobha zamaqembu eBetway Premiership neCaf Champions League kuzomele ziqaphe kakhulu njengoba i-Orlando Pirates isithole umgadli omusha onekhono lokushaya amagoli.