EzintshaKaizer Chiefs

UStanley Nwabali ucasisa ngokumataniswa neChiefs nekusasa

Unozinti waseNigeria, uStanley Nwabali usephawule ngokuqagela okukhulayo ngekusasa lakhe kulandela ukushiya kwakhe iChippa United.

Ukubeke kwacaca ukuthi ukubuyela eNigeria okwamanje akukho nhlobo emqondweni wakhe.

Lo nozinti oneminyaka engu-29 ubudala akanaqembu kusukela ngoFebhuwari ngemuva kokucela ukukhululwa kwiChippa. 

Kusukela lapho, usemataniswe namakilabhu amaningi, okuhlanganisa nezikhondlakhondla zaseNingizimu Afrika, iKaizer Chiefs.

Kodwa-ke, ekhuluma nesizindalwazi sezindaba saseNigeria iPunch.com UStanley Nwabali ugcizelela ukuthi akukho okubambekayo ngalamahemuhemu.

“Amahlebezi nje,” kusho uNwabali. “Uma abantu bekhuluma ngamakilabhu, kuwukuqagela nje. 

“Kubonisa ukuthi abantu bayayibona ikhwalithi yakho, kodwa akusho ukuthi kukhona okwenziwayo.”

Naphezu kokuboniswa yinkakha yeSuper Eagles, u-Idah Peterside ngokuthi abuyele kwiNigeria Premier Football League (NPFL), uStanley Nwabali uthi lutho.

Esikhundleni salokho, lo nozinti uveze okwenza abadlali basemazweni aseNtshonalanga Afrika bayofuna amadlelo aluhlaza kwezinye izizinda. 

“ENtshonalanga Afrika, amaligi ethu awakho ezingeni. Abadlali bafuna ukuya e-Europe, eNingizimu Afrika noma Morocco,” kuchaza yena. 

“Lapho amaligi angcono, inkokhelo ingcono, futhi namathuba angcono — okuyilokho wonke umuntu akufunayo.”

Njengoba eke adlala emaqenjini afana ne-Enyimba neLobi Stars, uNwabali uyalazi ibhola laseNigeria.

Kodwa ukholwa ukuthi isinyathelo sakhe esilandelayo sizoba ngaphandle kwaseNigeria.

Ukungabi naqembu kungase kumlahlekisele ngendawo yakhe kwiSuper Eagles  kodwa akumkhathazi yena okwamanje.

“Angikhathazekile okwamanje,” kuqhuba uNwabali. “Ngivulekile ukuya noma yikuphi emhlabeni. Ithuba elifanele lizofika.”