Ezintsha

Buka: USteve Barker uvakashele ‘KwaMai-Mai’ waseTanzania

USteve Barker ubukeka eyijabulele impilo yaseTanzania — ngaphakathi nangaphandle kwenkundla.

Lo mqeqeshi usanda kuvakashela indawo edumile yokudla efaniswa neKwaMai-Mai eGoli kuleli.

USteve Barker njengamanje ucija iSimba SC kuleliya lizwe eliseMpumalanga ye-Afrika.

Uthole ithuba lokuzwa ukunambitheka nesiko lakhona ngesikhathi iqembu libakhiphele endaweni yenyama eseDar es Salaam eyaziwa ngokuthi iZakhar Halava.

NjengeKwaMai-Mai eGoli, le ndawo iyindawo ekhangayo lapho abantu bendawo nezivakashi bebuthana khona ukuze bazitike ngenyama. 

Ividiyo eshicilelwe yiSimba SC ithwebule lesi sikhathi, yahambisana nombhalo othi “Kule ndawo kuphilwa ngenyama, kusukela ufika uze uhambe.”

Kodwa isipiliyoni sikaSteve Barker eTanzania sidlulela ngale kokudla — uphawule nothando lwabalandeli ngale kilabhu asebenza kuyo.

Lo mqeqeshi obecija iStellenbosch FC kuleli, usanda kuqhathanisa iSimba neKaizer Chiefs ngokusekwa kwayo lapho idlala khona.

“Ngangihlale ngikuzonda ukudlala neChiefs bese kuthi ngisekhaya kodwa kube sengathi ngisekuhambeni ngenxa yabalandeli,” kuncokola uSteve Barker. 

“Manje ngihlangabezana nento efanayo lapha. Nomaphi lapho sidlala khona, u-90% wabalaneli usuke weseka iSimba.” 

Nomsebenzi wakhe ke uSteve Barker kule kilabhu uyabonakala njengoba eseklonyeliswe ngendondo yomqeqeshi ovelele izinyanga ezimbili kulandelana. Buka ividiyo ngezansi: