EzintshaKaizer Chiefs

UMiguel nombono ohlukile ‘ngempi’ kaFrosler noLeaner 

U-Inacio Miguel ubone okuhle engxabanweni eshubile ebiphakathi kukaReeve Frosler nonozinti uRenaldo Leaner ngempelasonto edlule.

Laba badlali kusale kancane bafihlelane izinzipho ngemuva komdlalo weKaizer Chiefs neRed Arrows kwiCaf Confederation Cup eZambia.

Lesi sigameko sisabalale ezinkundleni zokuxhumana, abalandeli abaningi besola ukuthi siyisibuko sokungezwani okukhona ekhempini yeChiefs. 

Kodwa uMiguel ubona okuhlukile, uthi lokhu kuxabana kukhombisa uthando abadlali abanalo ngeqembu.

“Ngisibonile lesi sigameko, futhi wonke umuntu usibonile,” kusho uMiguel kwabezindaba eThekwini ngoLwesine. 

“Uma ngikhuluma iqiniso, ngiyajabula ukubona lolu hlobo lokuziphatha. Sizwile ubuhlungu bokuhlulwa.”

Lo mdlali wasemuva wase-Angola ugcizelele ukuthi lesi sigameko asisho ukuthi kunenkinga phakathi kwabadlali.

“Akubona abalandeli kuphela abaphatheka kabi uma sihlulwa. Nathi siyakhathazeka, siyadumala futhi sikhungatheke ngemiphumela.

“Ngeshwa, lokhu kwenzeke esidlangalaleni. Akukho okubi okwenzekayo eqenjini, bekuwukungavumelani nje ngemibono,” kuqhuba yena.

U-INacio Miguel uze wathi lolu hlobo lokuzimisela yilona oludingwa yi-Kaizer Chiefs ukuze iguqule imiphumela yayo.

“Abantu babona izithombe namavidiyo bacabange ukuthi kube nesiphithiphithi, kodwa bekuwukungavumelani nje. Akuyona inkinga.

“Mina ngibona ikhambi kulokhu kuziphatha ngoba kukhombisa uthando esinalo. 

“Kwesinye isikhathi luyashoda, ngakho ngibona sengathi sidinga oluningi. 

“Sidinga ulaka nokuzimisela okwengeziwe uma sifuna imiphumela emihle.

“Ukwehlulwa emdlalweni ofana nalo akumnandi neze. 

“Ngiyajabula ngokwenzekile, uma ngikhuluma iqiniso. 

“Abafana bakhungathekile, kodwa ngoLwesihlanu sinethuba lokuguqula izinto,” kusho yena.

IChiefs izobhekana neRed Arrows eMoses Mabhida Stadium ngoLwesihlanu ebusuku – umdlalo uqala ngo-6 ntambama.

Amkhosi adinga ukuguqula isikweletu sika 1-0 esatholwa emlenzeni wokuqala ngemuva kwegoli lika-Alassane Diarra.