
U-Du Preez uzoyibonga enkundleni inkontileka entsha
Umgadli weKaizer Chiefs, u-Ashley Du Preez, usethembise ukubonga ukwethenjwa yile kilabhu ezinze eNaturena ngemuva kokwelulelwa inkontileka.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi kunemibiko ethi kunentshisekelo enkuli evela emaqenjini ase-Europe ngaye,, ikakhulukazi evela ePortugal.
UDu Preez ujoyine iChiefs esuka kwiStellenbosch FC kumasizini amabili edlule ethwelwe ngeqoma.
Useshaye amagoli angu-19 futhi wakhela ozakwabo ayisikhombisa emidlalweni engu-75 kuyo yonke imiqhudelwano.
Ukulimala nokungawubambi umgqigqo kubambezele inqubekela phambili ka-Du Preez eqenjini, kodwa ikilabhu ikhombise ukumethemba.
Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala usanda kusayina inkontileka yeminyaka emibili, emgcina eNaturena kuze kube ngu-2027.
Kule sizini usehlohle amagoli amane emidlalweni engu-16 njengoba kanti manje usehlose ukuthuthukisa lesi sibalo sakhe samagoli.
IChiefs iphokophele ukuqeda endaweni ephezulu kwiligi nokwenza kahle kwiNedbank Cup la isingene khona emzuliswaneni wemidlalo eyandulela owamanqamu.
- SILANDELE KU-FACEBOOK | Cofa la, Lisenethini.co.za
Ekhuluma ne-iDiski Times, u-Du Preez uzwakalise ukubonga kwakhe ngokuthi ukuhlala kwakhe eNaturena kwelulwe kusenesikhathi.
“Bayangethemba. Ngakho-ke, kimi njengomdlali, kufanele ngibonge kubo naseqenjini ngokusebenza ngokuzikhandla.
“Ngifuna ukusebenza kanzima ukuze ngithole inkontileka engcono nakakhulu esikhathini esizayo.”
Ngemuva kokululama ekulimaleni ehlombe, u-Du Preez ungene waba nomthelela ngesonto eledlule.
Usuke ebhentshini wafike washaya igoli elinqobise iChiefs ibhekene neMagesi FC emdlawleni weBetway Premiership.
IChiefs isizothemba ukuthi uzoqhubeka nefomu yakhe njengoba ibheke ukuqeda le sizini inosasicocwana esandleni.
Njengoba uTashreeq Morris esalimele, u-Du Preez kubhekwe ukuthi aphinde aqale phambili uma iChiefs seyibhekene neCape Town City ngoLwesithathu.
Lo mdlalo ngowegqubu kwiChiefs njengoba iCity yavuka ngayo emasontweni ambalwa edlule iyishaya kungazelele muntu.
