Ezintsha

UMzoughi ucacisa ngevidiyo emxoshise kwiRaja

Umqeqeshi wonozinti ozakhele igama kwiKaizer Chiefs, u-Ilyes Mzoughi, usephawule ngookuxoshwa kwakhe kwiRaja Casablanca kusaphele amasonto amabili eqashiwe.

Ukuxoshwa kwakhe kwenzeke ngemuva kokusabalala kwevidiyo yocansi enaye ezinkundleni zokuxhumana.

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-51 uthi uyisisulu sabantu abebemfuna imali futhi ugcizelele ukuthi le vidiyo ayiyona eyangempela.

IRaja Casablanca iqede inkontileka yakhe ngokushesha ngemuva kokusabalala kwaleyo vidiyo, ithi ithathe lesi sinqumo ukuvikela isithunzi neqembu.

U-Ilyes Mzoughi uthi wake wasongelwa umuntu owafuna imali elinganiselwa ku-R325 000 kuye ukuze angayikhipheli umphakathi le vidiyo.

“Imininingwane yale vidiyo esabalale namuhla indala, isukela ngesikhathi ngingumqeqeshi wonozinti kwelinye lamaqembu esizwe e-Afrika,” kusho uMzoughi.

“Ngashayelwa ucingo umuntu othile engisabisa ngokuthi uzoyikhipha le vidiyo uma ngingamkhokheli u-$20 000. 

“Ngenqaba ngoba le vidiyo ikokoteliwe futhi ingahlolwa nangochwepheshe bazokuthola lokho.”

Uthe lolu daba lumhlukumeze kakhulu yena nomndeni wakhe.

“Ngishadile futhi nginamadodana. Angeke ngenze izinto eziyihlazyo ngaleyo ndlela,” kusho yena.

U-Ilyes Mzoughi uphinde wathi ngesikhathi eqeqesha eTunisia naseNingizimu Afrika akakaze abe nenkinga efana nale.

Uthi unqume ukushiya kwiRaja ngaphandle kokulwa ukuze avikele isithunzi sale kilabhu.

Ubuye waveza ukuthi isikhathi okukhishwe ngaso le vidiyo siyasolisa, njengoba kwenzeka ngemuva nje kokudlala kahle kukanozinti weRaja, uYassine Zoubeir, bebhekene neHassania Agadir.