
UNabi uhlome uyahlasela ngeChiefs koweStellies
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi usethe isikimi seqembu elibonakala ligxile kakhulu ekuhlaseleni.
Lo mqeqeshi unethemba lokufinyelela kowandulela owamanqamu kwiNedbank Cup.
IKaizer Chiefs kaNasreddine Nabi izobhekana neStellenbosch FC edla ngokushesha uma iya phambili eNelson Mandela Bay Stadium ngoMgqibelo – umdlalo uqala ngo-6pm.
Amakhosi kudingeke ukuthi aphinde alishintshe iqembu eliqala umdlalo ngenxa yokulinyalelwa nokumiswa kwabathile.
- SITHOLE KU-FACEBOOK | Cofa la, Lisenethini.co.za
UThabo Cele, obengekho ngesikhathi iKaizer Chiefs inqoba ngo 1-0 ihlula iMagesi FC ngoLwesibili, ubuyile eqenjini.
Lo mdlali wasesiswini odabuka eThekwini osezakhele igama kuMakhosi ubemisiwe emdlalweni odlule.
Unikezwe umsebenzi wokuba yinjini esiswini, nike umsebenzi wokunqamula iminyakazo yezitha maphakathi nenkundla.
Lokhu kuvumela abanye adlala nabo esiswini ukuthi bagxile kakhulu ekuhlaseleni.
UNasreddine Nabi uqhubekile nohlaka lwakhe olungajwayelekile kodwa iqembu lakhe eselulujwayela, lwe-4-1-4-1.
Phambi kukaCele kuzobe kukhona uGlody Lilepo noPule Mmodi emaceleni, kuthi uNkosingiphile Ngcobo noGaston Sirino babe maphakathi.
U-Ashley Du Preez nguyena yedwa umgadli ophambili, futhi uzothembela ejubaneni lakhe ukuze ukudabula udonga lwasemuva lweStellies.
Abane basemuva bakhiwe ngu-Edmilson Dove emuva kwesokunxele, noReeve Frosler kwesokudla.
- FUNDA NALA |Â IKaizer Chiefs emzamweni wokusayina oweBafana
Maphakathi nenkundla emuva kukhona o-Inacio Miguel noRushiwin Dortley kuyilapho uBruce Bvuma egcina isikhundla sakhe njengonozinti.
Isihlabani esisafufusa, uMduduzi Shabalala uqala ebhentshini umdlalo wesibili kulandelana.
IChiefs ibophele kanje: Bvuma – Frosler, Dove, Miguel, Dortley – Cele – Lilepo, Mmodi, Sirino, Ngcobo – Du Preez.
- ZITHOLE ZISHISA |Â Cofa la, ujoyine iWhatsApp Group yethuÂ
Ebhentshini: Petersen, Kwinika, Cross, Solomons, Matlou, Maart, Shabalala, Vilakazi, Chivaviro.
IStellies yona ibophele kanje: (4-4-2) Stephens – Enyinayya, Basadien, Toure, Moloisane – Titus, Butsaka, Khiba, Nduli – Cupido, Lekoloane
Ebhentshini: Masuluke, Onyango, Jebaar, Palace, Mdaka, Phili, Nku, Barns, De Jong
