
UPitso usezenzile izethulo ngoweBafana, ubanga nabane
Lowo owayengumqeqeshi weMamelodi Sundowns ne-Al Ahly, u-Pitso Mosimane, kuvela ukuthi nguye ohamba phambili emjahweni wokuba ngumqeqeshi omusha we-Bafana Bafana.
Ngokombiko weSoccerBeat, uMosimane usevele wethule uhlelo lwakhe phambi kwekomidi leSafa.
Futhi njengamanje ubonakala njengohamba phambili ukuthatha lo msebenzi ngemuva kukaHugo Broos.
Nokho, umjaho awukapheli njengoba ohlwini lwabasazokwenza izethulo zalo kusekhona nabanye abaqeqeshi ababili baseNingizimu Afrika nababili baphesheya.
Kulindeleke ukuthi iSafa iqede lolu hlelo lokuqasha ngaphambi kokumemezela umqeqeshi omusha weBafana.
Uma eqashwa, kuzobe kungekhona okokuqala uMosimane esebenza kwiBafana njengoba ake wayicija eminyakeni engaphezu keshumi edlule.
Nokho kusangenzeka noBroos anqume ukuqhubeka nalo msebenzi awuqala eminyakeni emihlanu edlule.
Lo mqeqeshi odabuka eBelgium usejike iBafana wayenza iqembu elithembekile nelizikhandlayo.
Uyifake kwiCaf Africa Cup of Nations amahlandla amabili kulandelana, waphinde wayifaka nakwiNdebe yoMhlaba.
- FUNDA NALA | IChicago izimisele ukudedela uMbokazi
Nokho waveza ukuthi usefisa ukuthatha umhlalaphansi, kodwa ubengakasikhiphi isinqumo esisemthethweni ngalokhu.
Imibono ihlukene ke ngokuthi u-Pitso Mosimane abuyele kwi-Bafana Bafana njengoba abanye bembona kunguye ofanelekile.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
