
UNeo Maema ubalula ubunzima, kodwa unethemba ngeBafana
INingizimu Afrika ifike kahle e-Ismailia, e-Egypt, ngaphambi komdlalo wayo obalulekile wokuhlungela i-African Nations Championship (Chan) ngeSonto.
Njengoba besekuhambeni, ukaputeni uNeo Maema ulindele impi enzima kuleli qembu laseNorth Africa elizolwela ukungaphendulwa iminqolo ngokushayela ekhaya.
Umlenze wokuqala, obuseBloemfontein, eFree State ezinsukwini eziyisithupha ezidlule, uphele zibambene ngo 1-1.
Elakuleli labuya kade selilandela ngemuva kulo mdlalo, uJamie Webber eshaya elihle igoli elaba yishodi alidonsa engaphandle kwebhokisi.
Manje, IBafana Bafana kumele ilwele ukuthola indawo emzuliswaneni olandelayo, ikwenze lokho isekuhambeni.
- SITHOLE KU-FACEBOOK | Cofa la, Lisenethini.co.za
“Ukudlala e-Egypt kuhlezi kunzima,” kusho uNeo Maema. “Sinerekhodi elihle uma sibhekene nabo, kodwa ukubhekana nabo besekhaya kwenza kube nzima kakhulu.”
Naphezu kwenselelo, iqembu lisalokhu ligqugquzelekile. UNeo Maema ukholwa ukuthi abadlali bamagange ukuthola indawo esigabeni samaqoqo.
“Abafana bajabule futhi bawulungele umdlalo. Abadlali abasebancane, abakhona okokuqala ngqa eqenjini, bafike nomdlandla nokulambela impumelelo,” kwengeza yena.
Uhambo oluya e-Egypt belulude, kodwa uNeo Maema uyalethemba iqembu ukuthi lizilungiselele kahle.
Lo mdlali weMamelodi Sundowns ugcizelele ukuthi bangayinqoba le nselelo ababhekene nayo.
Umqeqeshi uMolefi Ntseki wenze izinguquko ezimbalwa ngaphambi kokuthi iqembu liye e-Egypt.
- FUNDA NALA |Â IPirates ethubeni lomlando, kodwa uRiveiro uyacasha
UNduduzo Mhlongo wGolden Arrows, Naledi Hlongwane weKaizer Chiefs, uMonnapule Saleng, no-Azola Tshobeni be-Orlando Pirates badedeliwe ngoMsombuluko.
Kwengezwe oVictor Letsoalo weTS Galaxy), uMondli Mpoto, noLevy Mashiane bobabili beRoyal AM ezindaweni zabo.
Ngeqembu eliqinile nomoya omuhle ekhempini, iBafana Bafana ihlose ukuthola ukunqoba okubalulekile e-Egypt.
- ZITHOLE ZISHISA |Â Cofa la, ujoyine iWhatsApp Group yethu
