
UBroos ushintshe umshovo kwiBafana kowesibili
U-Hugo Broos usephonse idayisi lokugcina ngokwenza izinguquko ezinkulu nezihlaselayo eqenjini le-Bafana Bafana emdlalweni weCzechia kwiNdebe yoMhlaba.
Lo mdlalo uzoba seMercedes-Benz Stadium e-Atlanta ngoLwesine ngo-6 ntambama.
Sekuphele isonto iBafana ihlazeke ngokuhlulwa ngo 2-0 yiMexico emdlalweni wayo wokuqala.
Okubuhlungu kakhulu ukuthi iqembu lalahlekelwa abadlali ababili ababalulekile, uThemba Zwane noSiphephelo Sithole, abathola amakhadi abomvu.
Lokho kushiye iBafana isezansi kuGroup A futhi ibhekene nengcindezi enkulu.
Ukwehlulwa namuhla kungasho ukuphela kwamaphupho okuqhubekela esigabeni esilandelayo.
Ukunqoba kungavusa ithemba elisha ngaphambi komdlalo wokugcina neSouth Korea.
U-Hugo Broos usenqume ukushintsha indlela i-Bafana Bafana ezodlala ngayo, ekhetha iqembu elibukeka ligxike ekuhlaseleni.
URonwen Williams uyaqhubeka epalini, kanti uTeboho Mokoena, uThalente Mbatha, uJayden Adams, u-Oswin Appollis no-Iqraam Rayners bazohola umkhankaso wokufuna amagoli.
Ngakolunye uhlangothi, iCzechia nayo ingaphansi kwengcindezi ngemuva kokuhlulwa yiSouth Korea.
Lokhu kusho ukuthi womabili amaqembu adlalela ukuphila emqhudelwaneni.
Abalandeli be-Bafana Bafana bazobe bethembele ekutheni lezi zinguquko zika-Hugo Broos zizokwenza umehluko. Zibophele:
IBafana: Williams, Mudau, Okon, Mbokazi, Modiba, Mbatha, Mokoena, Adams, Appollis, Maseko, Rayners
Ebhentshini: Chaine, Goss, Matuludi, Ndamane, Kabini, Sibisi, Makhanya, Cross, Moremi, Foster, Mofokeng, Makgopa, Sebelebele
ICzechia: Kovar, Holes, Hranac, Coufal, Krejci, Darida, Cerv, Sadilek, Sojka, Hlozek, Schick
Ebhentshini: Stanek, Hornicek, Zima, Chapoulek, Zeleny, Doudera, Provod, Soucek, Sochurek, Kuchta, Chytil, Sulc, Chory, Visinsky.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
