
Tso: Nakhu okuqhathe iTS Galaxy nesibhaxu sePirates
Inkakha ye-Orlando Pirates, uBennedict “Tso” Vilakazi ithi abaqeqeshi beTS Galaxy baziqhathe bona nenduku abayithole kuleli qembu lakhe lakudala.
I-Orlando Pirates iphendule leli qembu iminqolo ilishayela ekhaya ngo 6-0 emdlalweni weBetway Premiership ngeSonto.
Manje uVilakazi uthi abaqeqeshi bayo uqobo iTS Galaxy abaziqhathe naleli hlazo. Kodwa akasoli amaqhinga abo.
Pho yini abangayenzanga kahle? Ngokwalenkakha, benze ithuba ngokungamshintshi unozinti.
Unozinti weTS Galaxy, uTape Ira ulimale kanzinyama umdlalo usanda kuqala eshayiseka epalini ngehlombe.
“Egolini lokuqala ebekuyibhola ebelibekwe phansi… Udayivile ezama ukulivimba wayozishayisa ngehlombe epalini.
“Uma ungunozinti, waba nobuhlungu ehlombe isuke ingasekho into ozoyenza,” kuchaza uTso.
“Lokho ngikusho ngoba awusenawo amandla anele okuvimba ibhola uma lishaywe laba yishodi.
“Buka nje leli goli lesibili elishaywe uMoremi. Ubonile ukuthi uzamile ukuya kulo kodwa walithinta nje ngesandla sokudla.
“Lokho kuyakutshela ukuthi kunenkinga. Kodwa bamyekile waqhubeka nomdlalo.
“Kwelesithathu angazi noma kumele ngihleke noma ngizwelane naye.
“Uzame ukudayiva kodwa engakwenzi lokho ngohlangothi. Ubedayiva ebheke phezulu. Angazi kanjani…
“Uma ubheka ibhola lidlule la nje phezu kwakhe futhi ubengasiphakamisa isandla sokudla alivimbe.
“Kodwa ngenxa yokubuhlungu akakwazanga ukukwenza lokho,” kuqhuba uVilakazi.
Uqhube wathi kuwo wonke amagoli lo nozinti ubesehluleka ngenxa yokuthi ubengasekho esimweni esifanele.
“Kwelesine… belilana nje (ekhombisa ngezandla), nami ngiwushoti nje bengingalivimba.
FUNDA NALA | U-Ouaddou ukhale ngamapokloza abalandeli bePirates
“Kodwa konke kubuyela kumqeqeshi wonizinti nethimba nje lonke labaqeqeshi abamyekile waqhubeka nomdlalo.”
