Bafana BafanaEzintsha

‘Wukuziphatha’ okugabhise abanye kwiBafana Bafana

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ushiye kunokuqagela ngesikhathi eqoka iqembu azodlala ngayo emidlalweni yobungani ezayo.

UBroos ukhethe abadlali abangu-23 abazokwenza umsebenzi kwiBafana Bafana ibhekene nePanama kule mpelasonto.

Nokho kugqame kakhulu ukushiywa kukaSipho Chaine no-Iqraam Rayners kuleli qembu lakhe. 

Bobabili babekhona eqenjini labadlali abangu-38 obekuzokhishwa kulo lo 23. 

Njengamanje uChaine ungomunye wonozinti abahamba phambili eNingizimu Afrika.

Akangenelwanga goli emidlalweni engu-15 kwengu-22 yeBetway Premiership kule sizini. 

URayners naye usefomini enhle futhi ubelokhu ewashaya amagoli kwiMamelodi Sundowns.

Futhi uBroos akazange anikeze izizathu ezicacile zokuthi kungani laba bobabili – abake baba ngabadlali abajwayelekile kwiBafana Bafana – beshiywe ngaphandle.

Nokho kuvele ukuthi ukukhathazeka okukhulu okwenze uBroos washiya abanye babadlali akuhlangene nokudlala kwabo.

Imithombo iveze ukuthi kungenxa yokuziphatha kwangaphakathi eqenjini okuyinto lo mqeqeshi ayithathela phezulu. 

“Uyakhumbula ngenkathi uRayners ekhululwa ekhempini futhi isizathu kwathiwa ‘wukugula’?

“Ingabe ucabanga ukuthi wayegula ngempela?,” kusho umthombo weLisenethini. 

“Uzokhumbula futhi ukuthi ngemuva kwaleso siqephu, ubengadlali nakwiSundonws.

“Futhi lapho esebuyela eqenjini, kwakungekho lutho olwashiwo ngaye nokugula noma ukulimala.

“Kodwa umqeqeshi uMiguel Cardoso waphakamisa ukuthi ubenezinkinga ezithile ‘asedlulile kuzo’. 

“Ngicabanga ukuthi kwenzeke okufanayo ngoChaine nabanye abadlali obungalindela ukuthi bakhethwe.” 

Ekhuluma ngabadlali abashiye ngaphandle, uBroos uphinde waphakamisa ukuthi kungase kube yikho ukuziphatha. 

“Ngiphoxeke kakhulu ngemuva komqhudelwano (i-Afcon),” kuvuma lo mqeqeshi osekhulile ngesonto eledlule.

“Asizange sikuzuze ebesikufuna. Okwesibili izinga lethu lemidlalo esiyidlalile bekungeyona into ebesiyijwayele. 

“Kunezizathu ezimbalwa. Kodwa ngicabanga ukuthi isizathu esibaluleke kakhulu ukuthi angizange ngikubone lokhu ngokuthi wumuzwa weBafana Bafana. 

“Ngakho, ikhwalithi, ingqondo, ukuziphatha… bekungekho,” kuqhuba yena. 

“Ngiyazi ukuthi kungani kodwa angifuni ukungena emininingwaneni yalokho.

“Kodwa lokho yiqiniso futhi ngicabanga ukuthi leso bekungesinye sezizathu ezibaluleke kakhulu ezenze singenzi lokho wonke umuntu ayekulindele.” 

UBroos nokho akazange awuvale umnyango kubadlali abashiye ngaphandle. 

Bangase babuyiselwe eqenjini leBafana Bafana elizodlala eNdebeni yoMhlaba eNorth America ngoJuni.