
Owe-Orlando Pirates ugadle kuma‘pokloza’ abalandeli
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou ukhwele wadilika kubalandeli baleli qembu ngokuphatha kabi abadlali bakhe.
AmaBhakabhaka avuke injebomvu ishaya iTS Galaxy ngo 6-0 emdlalweni weBetway Premiership eMbombela Stadium ngeSonto.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, u-Ouaddou uphakamise ukuthi abadlali bebekhululekile nokuyingakho bethole lo mphumela omuhle.
Abadlali be-Orlando Pirates nabalandeli babo, ikakhulukazi ekhaya e-Orlando Amstel Arena, sebenobudlelwano obungebuhle kahle.
Uma iqembu lingenzi kahle, abanye abalandeli baphendukela kubadlali babahhahhameze, okuyinto engehli kahle ku-Ouaddou.
Ngemuva kokudlala ngokulingana emdlalweni wayo wokugcina, i-Orlando Pirates ibhodlele kwiGalaxy.
“Lokhu kuyimpendulo enhle kubantu abangabaza ukuzibophezela kwalaba bafana,” kusho u-Ouaddou.
“Ngihlale ngithi eqenjini lethu akekho ongena enkundleni ezimisele ngokuhlulwa noma ukudlala ngokulingana.”
‘Abubona abalandeli be-Orlando Pirates beqiniso’
Lo mqeqeshi waseMorocco unxuse abalandeli ukuthi baseke abadlali noma imiphumela ingeyona abasuke beyifisa.
“Abanye abantu badinga ukuqonda ukuthi laba badlali bajuluka igazi igazi belwela leli qembu,” kwengeza u-Ouaddou.
“Futhi esikudingayo kubo kulula… Namuhla sishaye amagoli ayisithupha ngoba sisizwe ukwesekwa okumangalisayo kwabalandeli beqiniso.
“Njalo uma sifika kuleli dolobha, sinokwesekwa okuhle. Njalo uma siseThekwini sithola ukwesekwa okuhle.
“Futhi abadlali bayakuzwa lokho. Ngeshwa (e-Orlando) uma ugeje igoli noma ungadlalanga kahle, abantu babe sebethuka abadlali.
“Labo akubona abalandeli beqiniso. Ubonile lapha ukuthi uma abantu beseka iqembu ngokweqiniso, abadlali benza kahle kanjani.
“Sihalalisela abafana namuhla. Sithumele umlayezo oqinile wokuthi akukapheli ngathi. Sizolwa kuze kube sekugcineni.”
FUNDA NALA | UKaze uveza akufuna kuVilakazi kwiChiefs
Le wini ibuyisele i-Orlando Pirates esicongweni selogi yeBetway Premiership.
Nokho bayishiya ngephuzu elilodwa iMamelodi Sundowns ekubeni isenomdlalo ewugodlile.
