
Abadlali beleChan bakhala ngeSafa ebabambise udonga
ISafa ibhekene nesinye isivunguvungu semali njengoba abadlali beqembu le-Chan bekhihla esikaNandi ngokungayitholi imihlomulo ababethenjiswe yona.
Kuvela ukuthi laba badlali bakweletwa imali elinganiselwa ku-R100 000 umuntu ngamunye yemihlomulo asebeyilinde kwaphela izinyanga ezintathu.
Ingxabano yashuba ngemuva kokuthi abadlali besole iSafa ngokwephula isivumelwano sika-Agasti.
Lesi sivumelwano sasithi imihlomulo izosebenza ngokuthi bazoyithola uma bephumile esigabeni samaqoqo.
Kwakungasetshenziswanga esijwayelekile sokuthola imihlomulo ngomdlalo ngamunye.
I-FARPost ibika ukuthi kusayinwe inkontileka esemthethweni eyayithi kuzokhokhwa ibhonasi ngokusekelwe ekutheni iqembu lenza kanjani esigabeni samaqoqo.
Ngokujwayelekile, abadlali beBafana bayaye “bahole u-R60 000 ngokunqoba, bese kuba u-R30 000 ngokudlala ngokulingana’.
INingizimu Afrika iqede endaweni yesithathu eqoqweni layo kwi-Chan ngemuva kokuhlula iGuinea nokudlala ngokulingana ne-Uganda, i-Algeria, neNiger.
Lokhu kwaqinisekisa ukuthi kumele abadlali bathole le bhonasi okwakuvunyelwene ngayo.
Abadlali bathi kuze kube manje le mali ayikaze ifike kubo yize iSafa isithembise kaningi ukuthi isendleleni.
Omunye umthombo uzwakalise intukuthelo, wathi: “Basitshela ukuthi iCaf iyona ebambezele ukukhokhelwa kwamaqembu.
“Kodwa isikhathi sale nkokhelo silokhu sishintsha nje ngaphandle kwencazelo ecacile evela kwiSafa.
“Bathe izinkokhelo zizokwenziwa ngesonto eledlule, kodwa manje sebethi yonke into izoze iqondiswe kahle ngoJanuwari.”
Kuphinde kwavela ukuthi nangesikhathi salo mqhudelwano bekunezinkinga njengoba abanye abadlali bebengayitholi imali yesibonelelo sansuku zonke.
Kuthiwa abanye bebeyithola ingaphelele, abanye bayithole yonke, kanti kukhona abebengayitholi nhlobo.
Omunye umthombo ugcizelele ukuthi abukho ubulungiswa kwindlela okwenzeke ngayo izinto.
“Abanye abadlali abazange bayithole ngisho eyesibonelelo sansuku zonke, okubonisa ngokucacile ukuthi zinkulu izinkinga zokuphathwa kwemali.”
FUNDA NALA | U-Appollis ubeka iqembu phambili, hhayi izindondo
Kuvela lokhu nje, iBafana ibheke kwiCaf Africa Cup of Nations kanti nakhona kunemibiko yokuthi isabhekene ngeziqu zamehlo ngendaba yemihlomulo. `
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
