
UMcKenzie uphawula ngoSithole osolwa ngokudlisela iBafana
Ungqongqoshe wezemidlalo u-Gayton McKenzie usengenelele ukuvikela umdlali weBafana Bafana u-Siphephelo “Yaya” Sithole.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi lo mdlali ehlaselwe kakhulu ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuhlulwa kweBafana ngo 2-0 yiMexico emdlalweni wokuvula iNdebe yoMhlaba.
Lo mdlali wasesiswini uzithole esengundabamlonyeni ngemuva kwephutha lakhe ekuqaleni komdlalo elivumele uJulian Quiñones ukuthi ashaye igoli lokuqala leMexico.
Izinto zibe seziba zimbi kakhulu ngesikhathi ekhishwa ngekhadi elibomvu esiwombeni sesibili, okushiye iBafana idlala ngabadlali abayishumi.
Lokhu kudale ukuthi abalandeli abaningi bagxeke lo mdlali, kanti abanye baze bamhlasela ngamazwi amabi ezinkundleni zokuxhumana.
Kodwa u-Gayton McKenzie uthi akulungile ukuthi wonke umthwalo ubekwe emahlomnbe ka-Siphephelo Sithole kuphela.
“Lona akuwona umdlalo wethenisi, ibhola lidlalwa yiqembu. Siyawina njengeqembu futhi sihlulwa njengeqembu,” kubhala uMcKenzie ku-X.
“Ungazisoli Yaya. Bekungewona umdlalo wakho omuhle kunayo yonke, kodwa ulwele iqembu.
“Siyabonga kubo bonke abadlali bethu. Buya ngamandla, mfana wami.”
Amazwi ka-Gayton McKenzie afike ngesikhathi u-Siphephelo Sithole ebhekene nengcindezi enkulu.
IBafana manje isibhekise amehlo emdlalweni obalulekile wokubuyisa amathemba okudlulela phambili lapho izobhekana khona neCzechia.
Ngemuva kokuhlulwa kowokuvula, iBafana ayisenayo indawo yamaphutha uma isafuna ukugcina iphupho layo leNdebe yoMhlaba liphila.
