
UNtwari uhambile, oVelebayi basalile kweleChiefs eliya eDR Congo
IKaizer Chiefs seyilimemezele iqembu layo eya nalo eDemocratic Republic of Congo la iyodlala khona umdlalo weCaf Confederation Cup.
Amakhosi azodudulana ne-AS Simba emdlalweni womlenze wokuqala wesigaba sesibili semidlalo yokuhlunga kulo mqhudelwano ngoMgqibelo – umdlalo uqala ngo-3 ntambama.
Phakathi kwabadlali obekubhekwe ukuthi bangase bahambe neqembu ngo-Asanele Velebayi noLuke Baartman abasanda kukhululwa ukudlala kuleli qembu labo elisha.
Nokho ngesikhathi kukhishwa uhlu lwabadlali abahambayo ngoLwesine, amagama abo abengekho okusho ukuthi kusazothatha isikhathi abalandeli bababone bedlala.
Omunye umdlali okumangazile yena ukuthi abonakale eqenjini elihambayo ngunozinti Fiacre Ntwari ‘osenecala’ eqenjini.
UNtwari wenqaba ukuphuma ngesikhathi iKaizer Chiefs ihlulwa yiStellenbosch FC sekukhahlelwa amaphenathi kwiCarling Knockout.
Lokhu kwabacika abalandeli kanti umqeqeshi uCedric Kaze wathi usazothathelwa izinyathelo zangaphakathi eqenjini zokuqondisa ubugwegwe.
Bekulindeleke ukuthi amiswe ngesikhathi kusazophothulwa lezo zinyathelo, kodwa ke ukhona eqenjini elibheke eDR Congo.
Nali selilonke iqembu elihambile:
- Onozinti: Brandon Petersen, Bruce Bvuma, Fiacre Ntwari
- Abadlali basemuva: Zitha Kwinika, Inacio Miguel, Aiden McCarthy, Bradley Cross, Dillan Soomons, Reeve Frosler
FUNDA NALA | UBrent Carelse ukhonjwa kwiDurban City
- Abadlali basesiswini: Lebohang Maboe, Thabo Cele, Siphesihle Ndlovu, Sibongiseni Mthethwa, Gaston Sirino, Nkosingiphile Ngcobo, Mduduzi Shabalala, Mfundo Vilakazi
- Abagadli: Pule Mmodi, Glody Lilepo, Khanyisa Mayo, Wandile Duba, Ashley Du Preez
