
Okwenza uMbekezeli Mbokazi afune ezinye izindodo
Umdlali wasemuva we-Orlando Pirates uMbekezeli Mbokazi usephenduke omunye wabantu abasematheni kuleli futhi usephenduke enye yezintandokazi zabalandeli.
Selokhu eqale ukudlala eqenjini elikhulu ngenyanga edlule, uMbekezeli Mbokazi usedlale imidlalo emikhulu kulezi zinkunzi zaseSoweto futhi waba nomthelela omkhulu.
Lo mdlali oneminyaka engu-19 ubudala uqale umdlalo wakhe wokuqala bebhekene neChippa United emasontweni ambalwa edlule futhi ukusuka lapho akazange esabheka emuva.
Kusukela lapho, iPirates isinqobe imidlalo emihlanu kweyisithupha ayidlalile.
UMbekezeli Mbokazi usehlomule ngezindondo ezine zeMan of the Match, okubalwa nayithole ngoMgqibelo benqoba ngo 1-0 kwiPolokwane City.
Uthe le miklomelo imkhuthaza ukuthi aqhubeke nokusebenza kanzima.
“Ngijabule kakhulu ngokuthola lezi zindondo zeMan of the Match,” kusho uMbokazi.
“Kwesinye isikhathi ngisuke ngingikulindele, bese kuyenzeka, futhi lokho kungikhuthaza ukuthi ngiqhubeke ngithuthuke.”
Ukuvela kukaMbokazi kufike ngesikhathi esibalulekile. IPirates ijaha isicoco seBetway Premiership, eseNedbank Cup neseCaf Champions League.
Udlale imidlalo emikhulu futhi wenza ezibukwayo bebhekene neMamelodi Sundowns neMC Alger.
Uphinde washaya igoli ngesikhathi benqoba kwiSuperSport United kwiNedbank Cup ukuze badlulele kowandulela owamanqamu.
Lezi ziqhwaga zaseSoweto zizobhekena ne-MC Alger emlenzeni wesibili we-quarter final yeChampions League ngoLwesithathu.
IPirates ayihluliwe emidlalweni engu-11 edlule futhi ibheke ukuzibekisela indawo kowandulela owamanqamu nakulo mqhudelwano.
Amandla kaMbekezeli Mbokazi nokuzethemba emuva kukhomba ukuthi unekusasa elihle impela ebholeni.
“Amaphuzu amathathu esiwathole ngoMgqibelo aqhamuke ngokuzikhandla kwethu nangebesikwenza ejimini.
“Umqeqeshi usitshelile okumele sikwenze ukuze siwine, futhi sikwenzile lokho,” kugcizelela yena.
“Sibonile esiwombeni sokuqala ukuthi kunzima; bebesivalela izikhala, futhi base seiphelwlwa wumbono ngokuthi singazivula kanjani.
“Umqeqeshi ubuye nohlelo olusha, olusebenzile, sawathola amaphuzu amathathu.
“Sijabule kakhulu, njengoba la maphuzu ebalulekile emkhankasweni wethu weligi.”
Njengoba iPirates iphushela izindebe ezintathu, uMbekezeli Mbokazi ubonakala engumdlali obalulekile.
