
USolomons uphawula ngombango wezindawo oshubile kwiChiefs
Umdlali wasemuva we-Kaizer Chiefs u-Dillan Solomons usephumele obala ngomncintiswano oshubile wezindawo zokudlala eqenjini, ikakhulukazi emuva kwesokudla.
USolomons usedlale imidlalo emibili kule sizini. Uqale emdlalweni neSekhukhune United, lapho akha khona elinye lamagoli.
Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubanga indawo noThabiso Monyane noReeve Frosler.
Kukhona nabanye abadlali abafana noThabo Moloisane noZitha Kwinika abangadlala kule ndawo.
Naphezu kwalo mncintiswano, uSolomons uthi abadlali bayasekana.
“Kunomncintiswano onzima kakhulu, kodwa umncintiswano omuhle.
“Siyesekana kakhulu, futhi lokho kubalulekile kithina,” kusho uSolomons kwiFARPost.
Uthi abadlali kumele basebenzise amathuba abawatholayo.
“Siyameseka noma ngubani othola ithuba. Kumele alisebenzise.”
U-Dillan Solomons uthi ufuna ukuthola isikhathi esiningi sokudlala kwi-Kaizer Chiefs kule sizini.
- FUNDA NALA | U-Ouadou ubhoboka ngobudlelwano noTito
Uthi inhloso yeChiefs wukwenza kangcono kunesizini edlule nokulwela izindebe.
“Ngokusobala inhloso wukudlulela phambili kunalokho esakwenza ngesizini edlule,” kusho yena.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
