
U-Ouaddou ubhoboka ngobudlelwane noMaswanganyi kwiBucs
Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou useveze kabanzi ngobudlelwano bakhe no-Patrick Maswanganyi ngemuva kokushiya kwalo mdlali.
UMaswanganyi ubengumdlali obalulekile kwiPirates. Kodwa u-Ouaddou uveze ukuthi izinto bezingahambi kahle ngaso sonke isikhathi ngesizini edlule.
Umqeqeshi uthe ubengajabule ngendlela uMaswanganyi abenza ngayo ejimini.
“Bengingajabule ngendlela abeziqeqesha ngayo kodwa ngajabula ngendlela abuya ngayo ngoJuni 24,” kusho lo mqeqeshi.
U-Abdeslam Ouaddou uthi u-Patrick Maswanganyi ukhombise izinga eliphezulu ekuqaleni kwale sizini.
Uze wathi ukube lo mdlali walalela izeluleko zakhe ngesizini edlule, wayezongena egijima eqenjini lesizwe ebelikwiNdebe yoMhlaba.
“Ngicabanga ukuthi ukube wangilalela ngesizini edlule, ngabe ubesekwiNdebe yoMhlaba. Nakanjani,” kuqhuba yena.
Yize bekunezikhathi ezinzima, u-Ouaddou uncome ikhono likaMaswanganyi.
“Ungumdlali omuhle kakhulu, unekhono, futhi wonke umqeqeshi angajabula ukuba naye eqenjini lakhe.”
UMaswanganyi manje usezobhekana nenselelo entsha eBahrain la ejoyine khona i-Al Khaldiya SC.
U-Ouaddou umfisele inhlanhla kodwa wexwayisa ngokuthi kuzodingeka aqine ngokwengqondo.
“Uya phesheya, akuzuba lula. Kuzodingeka aqine ngokwengqondo kuleyo ndawo,” kwelulela lo mqeqeshi odabuka eMorocco.
U-Abdeslam Ouaddou uphinde wagcizelela ukuthi u-Patrick Maswanganyi ubebaluleke kangakanani eqenjini lakhe kwiPirates.
- FUNDA NALA | UMaswanganyi nomlayezo wokubonga kwabePirates
“Ngijabule kakhulu ukusebenza naye, ikakhulukazi kule sizini, ubebalulekile kithina phakathi nenkundla.”
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
