
Imenenja icacisa eyokuthiwa usesayine kwiKaizer Chiefs
Imenenja yabadlali bebhola ehlonishwayo kuleli, uGlyn Binkin usecasise isimo somunye wabadlali bakhe okubikwa ukuthi usesayine nezikhondlakhondla zePSL i-Kaizer Chiefs.
U-Ime Okon, okuthiwa inkontileka yakhe kwiSuperSport United izophela ngoJuni 30, umataniswa namaqembu ambalwa kuleli naphesheya.
Kodwa ngesonto eledlule kusabalale imibiko eveza ukuthi i-Kaizer Chiefs isiwunqobile umbango wokusayinisa lo mdlali wasemuva oneminyaka engu-21 ubudala.
Kodwa-ke, engxoxweni ebe nayo ne-Unplayable, imenenja yakhe uBinkin ikuphikile lokhu, yakubeka kwacaca ukuthi lo mdlalo akakasayini nanoma yiliphi iqembu okwamanje.
“Ngingasho ngokucacile ukuthi u-Ime Okon akakasayini kunoma yiliphi iqembu okwamanje,” kusho uBinkin.
Inkontileka ka-Okon kwiSuperSport izophela ngoJuni 30 kanti lo mdlali wasemuva weBafana Bafana umataniswa neChiefs ne-Orlando Pirates kwiPSL.
Kuphinde kwavela ukuthi kukhona namaqembuu amfunayo phesheya lo mdlali futhi uke waya ukuyohlolwa khona phambilini.
Iziqhwaga zase-UKrania iDynamo Kiev nezaseBelgium iClub Brugge nazo zizibhekile impela kulo mdlalo obukeka enekusasa elihle.
U-Okon ungomunye wabadlali abathembisayo bakuleli futhi okubhekwe ukuba baye kude ebholeni.
Umnyakazo wakhe olandelayo ungaba nomthelela omkhulu ekutheni umsebenzi webhola uhamba kanjani.
Yize esemncane, kodwa sekuke kwadingeka athathe izinqumo ezinkulu ngomsebenzi wakhe webhola.
Kuke kwadingeka akhethe phakathi kweSuper Eagles yaseNigeria noma iBafana yakuleli.
Ubefaneleka ukudlala kunoma yiliphi iqembu lesizwe kulawa womabili.
Lokhu kungenxa yokuthi uyise ungowaseNigeria, kanti unina ungowaseNingizimu Afrika, yena wakhetha uhlangothi lukamama wakhe.
