EzintshaOrlando Pirates

Iyaqina eyokubuyela kukaMokwena kwi-Orlando Pirates

Imibiko yakamuva iveza ukuthi sekusondele ukubuyelana kwe-Orlando Pirates nomqeqeshi wayo omdala uRulani Mokwena.

Kuvela ukuthi lo somaqhinga oneminyaka engu-37 ubudala usezobuyela kulezi zinkunzi zaseSoweto.

I-Orlando Pirates kulindeleke ukuthi ithole umqeqeshi omusha ngemuva kokulahlekelwa nguJose Riveiro okhethe ukungayivuseleli inkontileka yakhe. 

URiveiro ushiye leli qembu wajoyina iziqhwaga zase-Egypt i-Al Ahly, washiya isikhundla sokuqeqesha kumaBhakabhaka singenamuntu.

Idlanzana labaqeqeshi abathembekile okubalwa kubo uManqoba Mngqithi, uPitso Mosimane, uMarco Rose noMokwena bamataniswa nalo msebenzi.

Manje ngokwe-iDiski Times, uMokwena usezingxoxweni esezisezingeni eliphezulu nePirates zokuthi kube nguyena ozothatha izintambo. 

URulani Mokwena akayena umuntu ongaziwa ebhentshini le-Orlando Pirates. 

Uqale ukuphatha kuleli qembu ngo-2019 ngaphambi kokuthatha isikhashana kwiChippa United futhi, muva nje, kwiMamelodi Sundowns. 

Ushiye iSundowns ekupheleni kwesizini edlule ngemuva kwempumelelo encomekayo inqoba isicoco seligi.

Umbiko uveza ukuthi izingxoxo phakathi kukaMokwena nePirates sezibheke emaphethelweni, sekusele imininingwane embalwa ukuthi ziphothulwe. 

Iphuzu elibalulekile ezingxoxweni isifiso sikaMokwena sokuhlanganisa ithimba lakhe elizomlekelela.

Lokhu ukwenzile emaqenjini aqeqeshe kuwo phambilini, okuhlanganisa kwiiSundowns nakwiWydad Athletic.

Imithombo ithi uMokwena usevele ukhulume noMichael Loftman ukumnxenxa ukuthi azoba yiphini lakhe.

UMandla Ncikazi obeyiphini ngesikhathi sikaRiveiro, kulindeleke ukuthi aqhubeke nesikhundla esifanayo nangaphansi komqeqeshi omusha.

Ukubuyela kwi-Orlando Pirates kuzophawula isahluko sesibili kuRulani Mokwena kuleli qembu.

UMokwena uyindodana yengwazi yePirates uJulias Sono kanti uJomo Sono ungubabomncane wakhe.