EzintshaKaizer Chiefs

UDa Cruz uqede amahlebezi ngoCele kwiChiefs

Umqeqeshi weKaizer Chiefs uFernando Da Cruz useqinisekise ukuthi kwenzakalani ngomunye wabadlali abangekho eqenjini lakhe njengamanje.

UThabo Cele ubesale ekhaya ngesikhathi Amakhosi eseSpain elungiselela isizini entsha. 

Lokhu kususe amahlebezi ngekusasa lakhe, kodwa manje lo mqeqeshi omusha usecacisile okwenzekayo ngaye. 

UCele wajoyina iChiefs ngo-2025 esuka kwiFakel Voronezh yaseRussia. Wasiza iChiefs yanqoba iNedbank Cup.

Nokho, ngesizini edlule izinto azimhambelanga kahle. Ukulimala kwamvimba ukuthi adlale njalo.

Wagcina edlale imidlalo engu-21 kuphela kuyo yonke imiqhudelwano.

Ekhuluma nabezindaba ngaphambi kweToyota Cup, uFernando Da Cruz ukubeke kwacaca ukuthi uThabo Cele akekho ezinhlelweni zakhe.

“Endaweni kaThabo Cele nginabadlali abaningi,” kusho uDa Cruz.

“Ngithanda uhlobo oluhlukile lwabadlali kuleyo ndawo. Ngakho akasekho ezinhlelweni zami zesizini ezayo.

“Njengamanje angimcabangi eqenjini engizolisebenzisa.”

Lawa mazwi kaFernando Da Cruz akhombisa ngokusobala ukuthi u-Thabo Cele usengase ahambe ngaphambi kokuqala kwesizini entsha.

Khonamanjalo, uDa Cruz udalule ukuthi iChiefs ayikawuqedi umsebenzi emakethe yabadlali.

Uthi le kilabhu isafuna abadlali abane. Usafuna ukuqinisa ezinmpondweni, kubagadli nasesiswini.

IChiefs izobhekana neScottland FC yaseZimbabwe kwiToyota Cup ngeSonto eRoyal Sports Palace.

Lona kuzoba umdlalo wokugcina wokulungiselela isizini entsha yeBetway Premiership.