
IChiefs phambili emjahweni wokusayina oweGalaxy
I-Kaizer Chiefs isihamba phambili emjahweni wokusayinisa umdlali wasesiswini weTS Galaxy ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2026/27.
Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala akazange abonakale ngesikhathi iTS Galaxy yethula iqembu layo ngempelasonto.
Inombolo yakhe yejezi, uNombolo 10 inikezwe umdlali omusha, uSiphesihle Tati.
Usihlalo weTS Galaxy, uTim Sukazi, ukuqinisekisile ukuthi izingxoxo zokudayisa uSiphesihle Maduna ziyaqhubeka, kodwa wenqabile ukusho igama leqembu afuna ukulijoyina.
“Silindele ukuthi ahambe. Amaqembu asefikile azobuza ngaye futhi izingxoxo ziyaqhubeka,” kusho uSukazi.
“Uma isivumelwano sesiphothuliwe sizomemezela, noma iqembu azoya kulo limemezele. Kusenguhlelo olusaqhubeka.”
Kuke kwavela ukuthi uMaduna usendleleni ebuyeka kuMaZulu FC, okuyiqembu azakhela kulo igama.
Kodwa manje ngokubika kweSportswire, uMaduna usezithebeni zeChiefs okuyiyo osekuthiwa iseqhulwini emjahweni wokumsayina.
- FUNDA NALA | UNcikazi ugadle abagxeka iPirates ngeseligi
Uma u-Siphesihle Maduna esayina, uzokwengeza ubuhlakani nokujula esiswini se-Kaizer Chiefs njengoba leli qembu liqhubeka nokwakha iqembu eliqinile.
Kulindeleke izingxoxo ziphothulwe kule mpelasonto noma ekuqaleni kwelizayo ukuze ajoyine ozakwabo abasha ngaphambi kokuqala kwesizini.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
