
UHelman Mkhalele uphendula eyokunconywa uBroos ngeBafana
UHelman Mkhalele usephendule ngokuthi uthobekile ngemuva kokuthi umqeqeshi weBafana Bafana nomphathi wakhe uHugo Broos encome ukuthi kube nguye ongena kulo msebenzi.
Ekhuluma nabezindaba kuleli sonto, uHugo Broos ubuzwe ukuthi lukhona yini uhlelo ngozongena esikhundleni sakhe uma yena esethatha umhlalaphansi ngemuva kweNdebe yoMhlaba.
Lo mqeqeshi odabuka eBelgium usekusho kaningi ukuthi yena usemdala, futhi usefuna ukuyohlala ekhaya agone abazukulu bakhe.
Uthe ngemuva kweNdebe yoMhlaba, uyashiya ekuqeqesheni – usengaqhubeka asize ngamacebo kodwa esekhaya.
“Mhlawumbe ngingaqala kancane ngalolo hlelo ngeNdebe yoMhlaba,” kusho uBroos ephendula le ndaba enkulu.
“Kodwa emva kwalokho kumele kube kuncane kancane nge-Afcon elandelayo neNdebe yoMhlaba elandelayo.
“Ngicabanga ukuthi iNingizimu Afrika idinga ukuphinde ibe khona kule mqhudelwano, isisekelo sesikhona, kudingeka kwakhelwe kuso ngendlela efanele.
“Ngicabanga ukuthi into engcono kakhulu esingayenza ukuthi uHelman kube nguye oba ngumqeqeshi emva kwami, kuzoba nokuqhubeka kwento efanayo.
“Indlela yomsebenzi, nefilosofi kuzohlala kufana bese kuba nesinongo se-Afrika, ngoba mina ngingowaseYurophu.
“Isikhathi esingu-95% sicabanga izinto ezifanayo mina naye,” kuqhuba uBroos, oseneminyaka engu-73 ubudala.
“Yingakho ngijabule kakhulu ngaye, u-95% wesikhathi sicabanga into efanayo, ngakho-ke kufanele kube kuhle kakhulu ukuthi kuqhubeke yena.
“Inkinga nje njengamanje ukuthi akanazo iziqu zokuqeqesha ezidingekayo. Kodwa lokho yinto engalungiseka kalula.
“UHelman angenza izifundo ze-Uefa Pro License, ngoba yizona ezidingekayo ukuqeqesha iqembu lesizwe.”
Ekhuluma kwiRadio 2000 ngoLwesihlanu ebusuku, uHelman Mkhalele uthe uthobekile ngokuthi uHugo Broos umbona efanelekile ukungena ezicathulweni zakhe.
FUNDA NALA | Okwenze uBroos agiye kushawa iDowns neChiefs
“Kungenze ngathobeka ukuzwa lawo mazwi omqeqeshi uHugo Broos okuthi ngiyindoda efanele ukuthatha izintambo kuyena kwiBafana Bafana.
“Kodwa konke kuzoncika kwiSafa kanti nokuthi isimo siyobe sinjani ngaleso sikhathi,” kusho uMkhalele.
