
URonaldo udalula iqiniso ngodaba lukaJorge Jesus
U-Cristiano Ronaldo usephumele obala ngodaba oluholele ekutheni ashiye ikhempu yePortugal isigubhukane ngesonto elidlule.
Uthi nguyena owagqugquzela ukuqokwa komqeqeshi uJorge Jesus ukuba ahole iqembu lesizwe.
URonaldo uthi ekuqaleni wayehlele ukuthatha umhlalaphansi ebholeni lamazwe ngamazwe ngemuva kweNdebe yoMhlaba ka-2026.
Nokho, umengameli wePortuguese Football Federation wamcela ukuthi aguqule isinqumo sakhe ukuze aqhubeke nokudlalela izwe.
Ngemuva kwalokho, uRonaldo wabuzwa umbono wakhe ngomqeqeshi omusha. Uthi wamtshela ukuthi uJesus ufanelekile.
“Ngokombono wami, bengikholelwa ukuthi kuzoba yisinqumo esifanele,” kusho yena.
U-Cristiano Ronaldo uthi wajabula ngesikhathi uJesus ethulwa njengomqeqeshi, ekholwa ukuthi kuzoba yisinqumo esihle — into athi imiphumela yokuqala nayo iyakuqinisekisa.
Kodwa ubudlelwano babo bushintshe kakhulu ngemuva komdlalo neNorway, lapho uRonaldo ahlala ebhentshini.
URonaldo uthi uJesus wayemthembise ukuthi uzodlala okungenani imizuzu engu-30, kodwa wagcina engamfakanga yize amsukumisa wayozivocavoca.
Lo mdlali uphinde wathi isivumelwano sabo sangasese sokuthi uJesus alungise izinto esithangamini nabezindaba sagcina singafezekanga.
Yilokho ke athi kwamphoqa ukuthi ashiye ikhempu.
Naphezu kwalokhu kungezwani, u-Cristiano Ronaldo uveze ukuthi usazimisele ngokuqhubeka nokudlalela iqembu lesizwe.
- FUNDA NALA | Inkakha yeBucs igadle kwiDowns
Uthi uma esekulungele ukudlala futhi eseqede noma yisiphi isijeziso, usazotholakala ukuze amele izwe lakhe.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
