
BUKA: Inkakha yePirates ‘idelele’ iSundowns
Njengoba usondela umdlalo obhekwe ngabomvu ophakathi kwe-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns, abalandeli sebeqalile ukuklolodelana.
Lamaqembu azobhekana eMoses Mabhida Stadium eThekwini emdlalweni wamanqamu weMTN8 ngoMgqibelo.
Lo mdlalo uzoqala ngo-6 ntambama kanti inkundla kulindeleke igcwale phama njengoba amathikithi adayisa aphela ngosuku olulodwa.
Inkakha ye-Orlando Pirates, uMichael Morton nayo seyingene umdlalo wokugconana kwabalandeli ngokuklolodela i-Mamelodi Sundowns.
Lo mdlali wakudala weziMnyama ushuthe ividiyo la ekhombisa khona ukuthi ukulivela kanjani ijezi lakhe ukuthi lingebiwa.
Kule vidiyo uvela eyothula ijezi abelinekile. Okuthusayo wukuthi kubonakala eleSundowns lilenga ocingweni aneke kulo.
Kodwa ube eselisusa elaMasandawana, bese kuvele eleBhakabhaka ngaphansi bese ethatha lona eligqoka.
- FUNDA NALA | UMbatha uveza isifiso sakhe ebuya kwiBucs
Lokhu kusho ukuthi ngisho amasela ngeke alebe eleSundowns ngisho engalifica lilahlile ocingweni. Buka le vidiyo ngezansi:
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
