
IChippa United isimtholile umqeqeshi omusha
I-Chippa United isisheshe yamthola umqeqeshi omusha ngemuva kokuhlukana noThabo September obeyicija kule sizini.
Leli qembu elizinze e-Eastern Cape seliqashe umqeqeshi osemncane, uSinethemba Badela ozoba ngumqeqeshi walo kusukela ngesizini ezayo.
UThabo September, obehola leli qembu ngesizini edlule, unqume ukulishiya ngemuva kokuthi lizame ukumehlisela eqenjini lenkulisa.
Futhi manje imithombo esondelene neqembu ithi uBadela nguye umqeqeshi omusha waleli qembu elizinze eGqeberha futhi uzoba yingxenye yezinguquko ezilindelwe ekilabhini.
“Yebo nguye umqeqeshi omusha. Isivumelwano siphothulwe namuhla (ngoMsombuluko) futhi usayine inkontileka yakhe cishe ngabo-3 ntambama,” kusho umthombo.
UBadela ubeyingxenye yethimba ebelilekelela uRulani Mokwena wkiWydad Athletic kule sizini kanti kukholakala ukuthi ufunde lukhulu kulo nyaka awuchithe eMorocco.
Ngaphambi kwalokho uke waqeqesha kwi-All Stars ebidlala kwiMotsepe Foundation Championship.
Kamuva wajoyina iMamelodi Sundowns eyocija iqembu layo leDStv Diski Challenge ngaphambi kokuthi uMokwena amthathe aye naye eMorocco ngoJulayi nyakenye.
UBadela ungomunye wabaqeqeshi abasebancane kodwa abasezingeni eliphezulu ababonwa benekusasa eliqhakazile kulo mdlalo.
Ngaphambi kokuphendukela kuBadela, iChippa United beyibheke u-Abdeslam Ouaddou okumanje unengxabano yenkontileka neMarumo Gallants.
Imithombo ithi u-Ouaddou ushiye iGallants enethemba lokuya kwiChippa, kodwa leli qembu elizinze eBloemfontein lakuphazamisa lokho.
Kodwa manje sekunguBadela okhuphukela kulesi sihlalo esishisayo sokuhola i-Chippa United, futhi kuzothatha amehlo ukubona ukuthi uzohlala isikhathi esingakanani.
Phela leli qembu lidume kabi ngokuntula isineke kubaqeqeshi. Nokho, ukuba neqiniso kulo, alizange limxoshe umqeqeshi kule sizini.
UKwanele Kopo, oqale isizini, uzishiyele ngokwakhe ngemuva kokwenqaba ukwelula inkontileka yakhe kwathi uThabo September wathatha izintambo kwaze kwaphela imidlalo.
