Bafana BafanaEzintsha

UBroos uvuma ubunzima abhekene nabo ngaphambi kwe-Afcon

Lo mqhudelwano uzoba ngoZibandlela kanti uBroos kumele aqoke iqembu lakhe azoya nalo eMorocco ngoDisemba. 

UHugo Broos uyavuma ukuthi uzilungiselela izinqumo ezibuhlungu njengoba ephothula iqembu lakhe le-Afcon.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi abadlali abaningi behlabe umxhwele ngesikhathi iBafana inqoba ngo 3-1 ihlula iZambia ngempelasonto edlule.

U-Oswin Appollis, uMohau Nkota noSphephelo “Yaya” Sithole yibo abashaye amagoli. UJoseph Sabobo ushaye elokubika ekhaya leZambia. 

UBroos uqale ngabadlali bakhe abajwayelekile, kodwa ngesiwombe sesibili ube esefaka abadlali abangavamisile ukudlala — futhi abanye balibambisisile ithuba.

USipho Chaine, uKhulumani Ndamane no-Evidence Makgopa bangabanye abanikwe ithuba lokuzibonakalisa. 

UHugo Broos akazange afihle ukuthi ukukhetha iqembu azohamba nalo kuzoba nzima kangakanani.

“Okwakulula eminyakeni emibili edlule manje sekunzima kakhulu,” kusho uBroos ngemuva komdlalo obuseNelson Mandela Bay eGqeberha.

“Sinabadlali abangaphezu kuka-23 abangaya kwi-Afcon. Ezinye izinqumo zizoba buhlungu kubadlali — nakimi.”

Uthe kulo mdlalo ubefuna ukubona ukuthi abadlali abancane basabela kanjani. Futhi ukutholile abekufisa.

“Nganelisekile… hhayi ngokugcwele, kodwa ngibone ebengifuna ukukubona,” kwengeza uBroos. 

Uze waveza ukuthi abanye babo kungenzeka ukuthi sebevele sebeyilungele i-Afcon.

“Abadlali abafana noNdamane… mhlawumbe useyilungele i-Afcon.” IBafana ikuGroup B ne-Egypt, Angola neZimbabwe.

Umkhankaso wayo we-Afcon uqala ngoDisemba 22 eMarrakesh la izobhekana khona ne-Angola.