Bafana BafanaEzintsha

UBroos ucacisa akubheka kumdlali amfaka kweleBafana

Iqembu lakhe lakamuva – eliqokelwe umdlalo wobungani neZambia ngoMgqibelo – nalo lishiye imibuzo futhi yize echazile, abanye abakanelisekile namanje. 

NgoMsombuluko uHugo Broos ucelwe ukuthi achaze ukuthi yini ayibhekayo uma ekhetha umdlali weBafana Bafana. 

“Yini engiyibheka kumdlali? Okokuqala, yizinga lakhe – nakanjani,” kusho lo mqeqeshi odabuka eBelgium. 

“Uma ungekho ezingeni elifanele, awufanelwe ukuza kwiBafana Bafana. Bese kuba yisimo somqondo. 

“Naso sibaluleke kakhulu. Yingakho sihamba siyobuka imidlalo, sibheka ikhono nokuthi lowo mdlali uzimisela kanjani. 

“Isibonelo nje ukuthi uma kade ekhahleliwe wawa, kumthatha isikhathi esingakanani ukuthi avuke azithathe.

“Uma ethatha isikhathi eside, ube usubona ukuthi hhayi lona ke akuyena umdlali esimfunayo.

“Okwesithathu, sibheka ukuthi uma sesimqokile ukuze simbonele eduze uhlangana kanjani nabanye abadlali eqenjini.

“Lokhu kungenxa yokuthi noma ngabe iqembu lenza kahle kanjani, uma kukhona oyedwa ongenawo umoya ofanele eqenjini kube sekubheda yonke into.” 

IBafana izobhekana neZambia eNelson Mandela Bay Stadium emdlalweni wayo wokugcina wokuzilungiselela ngaphambi kweCaf Africa Cup of Nations eMorocco ngoDisemba.

UBroos uphinde waveza ukuthi usenawo u-80% weqembu alidingayo kulo mqhudelwano kodwa umnyango awuvaliwe kwabazokwenza kahle emasontweni ambalwa ezayo.