
UNabi uqinisekisa ukaputeni omusha weChiefs
Umqeqeshi weKaizer Chiefs useqinisekise ukuthi ukaputeni weqembu kusukela ngesizini ezayo kuzoba ngu-Inacio Miguel.
Lo mqeqeshi uveze lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo weToyota Cup eThekwini.
UMiguel nguye obegqoke ibhande likakaputeni ngesikhathi leli qembu libhekene ne-Asante Kotoko yaseGhana.
IKaizer Chiefs iphinde yehluleka ukudla iToyota Cup enze njengoba kube yi-Asante Kotoko enqobe le ndebe ngoMgqibelo ntambama.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi leli qembu laseGhana lihlule iKaizer Chiefs ngo 3-2 sekukhahlelwa samaphenathi.
Lo mdlalo obuseMoses Mabhida Stadium eThekwini bewuphele zibambene ngo 0-0 .
Ube yisivivinyo esibalulekile sangaphambi kwesizini kuwo womabili lamaqembu azobe edlala kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo.
IChiefs idlale kahle futhi beyiwakha amathuba amahle kulo mdlalo futhi ivala kahle nasemuva.
Nokho kucacile ukuthi isebuthuntu phambili – okuyindawo mhlawumbe okusazodingeka iqinise kuyo.
Bekungokwesibili iToyota Cup idlalwa kanti iChiefs ayikayinqoni njengoba ngesizini edlule yashaywa yiYoung Africans yaseTanzania.
WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO
