EzintshaKaizer Chiefs

IChiefs isahlwaya, uNabi ufuna ikhwalithi, hhayi noma ngubani

IChiefs isayine abadlali abasha abayisikhombisa ngaphambi kwesizini ka-2025/2026, kodwa isathungatha oyedwa noma ababili. 

UNasreddine Nabi ugcizelela ukuthi ngeke kube khona ukutatazela ngoba njengamanje izinga lomdlali osayinwayo kuye yiyonanto ebaluleke kakhulu manje.

IChiefs idedele uRanga Chivaviro yabe seyisayina uFlavio Da Silva kodwa indlela aqale ngayo ayizange ikhombise ukuthi usezingeni elifanele. 

Ekhuluma ngaphambi komdlalo wobungani weToyota Cup nezikhondlakhondla zaseGhana i-Asante Kotoko eMoses Mabhida Stadium, uNabi uthe basazoqinisa phambili. 

“Kundawo eyodwa noma ezimbili esisadina ukuziqinisa,” kusho uNabi kwabezindaba eThekwini.

“Kodwa ke sizobheka ithuba elingcono kakhulu ngokwekhwalithi ngoba asifuni ukugcwalisa izikhala nje ngoba sesenzela isibalo. Sizolinda size sithole ofanele.”

IGlamour Boys ayiyinhle kakhulu phambili, ngokucacile, isadinga umgadli engathembela kuye ngokushaya amagoli ngokungaguquki. 

Kodwa-ke, uNasreddine Nabi uthi uzibophezele ekukhuliseni ithalente lasekhaya ngokunika abadlali abasebancane ithuba. 

Uzimisele ngokunikeza amathuba amaningi kubadlali abaphuma eqenjini leDStv Diski Challenge nakuleyo ekhushulwe ngesizini edlule.

“Kufanele sinikeze ithuba elithe kubadlali abancane kule sizini… 

“Sinomuzwa wokuthi kunomdlali omkhulu ofana noShabalala obenikezwe umthwalo omkhulu futhi walithwala iqembu emahlombe akhe,” kuchaza uNabi. 

Uvumile ukuthi nakuba izihlabani ezisencane ezinjengoShabalala zikhombise ukuthembisa, zidinga ukuphathwa ngokucophelela ukuze kugwenye ukuzigqilaza kungakafaneli. 

“Sifuna ukubanika ithuba kodwa sikwenze lokho ngaphandle kokubagqilaza kakhulu, sithathe isinyathelo ngasinye ngokucophelela.”

Umdlalo wobungani ne-Asante Kotoko ungowokugcina wokuzilungiselela kweChiefs ngaphambi kokuthi iqale umkhankaso wayo weBetway Premiership.

IChiefs izoqala ngomdlalo onzima njengoba izobe isekuhambeni kwiStellenbosch FC ngo-Agasti 13. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO