
UParker uphawula ngomdlalo wokuqala wezigameko ezishaqisayo
Umqeqeshi weTS Galaxy, u-Bernard Parker, uthi uyalamukela iphuzu abalithole ngemuva kokudlala ngokulingana ngo-2-2 neSiwelele emdlalweni wokuvula isizini yeBetway Premiership ngeSonto.
Nokho uveze ukuthi amaphutha amabi yiwo anciphisele iqembu lakhe amathuba okunqoba lo mdlalo.
Lo mdlalo obuseFree State Stadium ubunezigameko eziningi ezishaqisayo, okubalwa amaphutha onozinti, amaphutha emuva, ikhadi elibomvu namagoli amane.
IGalaxy inike iSiwelele igoli lokuqala ngesikhathi uNtandoyenkosi Nkosi eshaya iphasi ebucayi ebuyela kunozinti uSipho Maseti.
Lo nozinti wehlulekile ukufika kuqala ebholeni, uSiphesihle Jeza walinamathisela enethini.
“Ngicabanga ukuthi umphumela ube nobulungiswa. Yingakho umdlalo ubumnandi ngoba womabili amaqembu abehlaselana,” kusho uParker.
Lo mqeqeshi akafunanga ukusola kakhulu unozinti wakhe osemncane.
“Wonke umdlali osemncane uyawenza amaphutha. Okubalulekile ukuthi afunde kuwo.
“Umsebenzi wethu njengabaqeqeshi ukumkhuthaza futhi siqinisekise ukuthi akawaphindi la maphutha,” kusho yena.
IGalaxy ibuye yalinganisa ngesiwombe sesibili ngephenathi, kodwa uVincent Pule waphinde wabeka iSiwelele phaphili.
Nokho, iGalaxy yaphinde yathola ithuba ngesikhathi unozinti omusha weSiwelele, uGoitseone Phoko, enza iphutha ekuzameni ukuvimba ibhola, kwathi uVeluyeke Zulu washaya igoli lokulinganisa.
Ngasekupheleni komdlalo izinto zaphinde zashuba ngesikhathi uMaseti ekhishwa ngekhadi elibomvu.
Lokhu kuze ngemuva kokubamba ibhola engaphandle kwebhokisi lakhe.
U-Bernard Parker uthe iqembu lakhe belidinga ukuwulawula kangcono umdlalo ukuze libe nethuba elihle lokunqoba.
“Asikwazanga ukulawula umdlalo ngesikhathi esibalulekile,” kuqhuba yena.
“Asibanga nolaka ebesilufuna, yize siwakhile amathuba amaningi.
“Ukube sinciphise amaphutha aba mbalwa, besingawunqoba lo mdlalo,” kusho yena.
Uthe ukholwa ukuthi nomqeqeshi weSiwelele, uLehlohonolo Seema, naye uzokhala ngamaphutha eqembu lakhe.
“Nginesiqiniseko sokuthi nomngami wami umqwqeshi uSeema uzocabanga ukuthi nabo bebengenza kangcono.
“Kodwa ngijabule ngendlela abadlali bami abaziphathe ngayo.”
- FUNDA NALA | URapoo uveza okumenza ahluke kwabeBucs
U-Bernard Parker uqokwe njengomqeqeshi omkhulu weTS Galaxy ngaphambi kokuqala kwesizini ngemuva kokusebenza njengebamba ngesikhathi u-Adnan Beganovic exoshwa ngo-Ephreli.
“Kimina ukuqala kanjena njengomqeqeshi omkhulu kulungile.
“Okubalulekile ukuthi ngijabule ngendlela abadlali abazikhandle ngayo,” kuphetha uParker.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
