
URapoo uphawula ngomuzwa wokudlala okokuqala kwiPirates
Umdlali omusha we-Orlando Pirates, u-Neo Rapoo, uthi usazizwa ebusisekile ngokujoyina leli qembu.
Ukudlala okokuqala ngesikhathi leli qembu lingqoba iMilford FC ngo 2-0 emdlalweni wokuvula isizini yeBetway Premiership ngempelasonto edlule kube wukufezeka kwephupho.
URapoo, ojoyine iPirates esuka kwiSiwelele FC ngaphambi kokuqala kwesizini, ungene esikhundleni sikaDeon Hotto ngomzuzu ka-75 e-Orlando Amstel Arena.
Lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala uthe ekuqaleni ubengakholwa ukuthi iphupho lakhe selifezekile.
“Ekuqaleni bengingakholwa ukuthi ngiyangena ngempela,” kuchaza yena.
“Kodwa ngithe uma sengingaphakathi ngazitshela ukuthi kumele ngidlale ngendlela elula.
“Futhi ngijabulele lesi sikhathi ngoba ngibusisekile sokudlalela leli qembu elikhulu.”
U-Neo Rapoo uphinde waveza ukuthi uzizwe emukelwe kahle selokhu efikile kwi-Orlando Pirates, wancoma abadlali abadala ngokumenza azizwe esekhaya.
“Angizange ngizizwe ngimusha. Wonke umuntu ube nobungane kimi.
“UCash (Makhehlene Makhaula) ungisizile kakhulu futhi ungenze ngazizwa ngisekhaya,” kuqhuba yena.
URapoo ubeyingxenye yeqembu laseNingizimu Afrika labaneminyaka engaphansi kuka-20 elanqoba i-Africa Cup of Nations ngo-2025, ngaphambi kokumela izwe kwiNdebe yoMhlaba kaFIFA Under-20.
Uthi lawo mava amfundise ukubhekana nengcindezi nokudlala phambi kwezihlwele ezinkulu.
“Kuyiphupho ukumela izwe lakho. Ukudlala kwi-Afcon nakwiNdebe yoMhlaba kungifundise okuningi ngokudlala ezingeni eliphezulu nokulawula imizwa uma kunengcindezi,” kusho yena.
Kule sizini u-Neo Rapoo uzoncintisana noHotto noNkosikhona Ndaba emuva kwesokunxele kwi-Orlando Pirates.
Futhi uthi uzimisele ukulwela indawo yakhe eqenjini yize ebanga nabantu abanamava.
- FUNDA NALA | IPirates iphawula ngesixakaxaka sase-Orlando
“Ngisafunda njengomdlali osemncane futhi ngifunda okuningi kuHotto.
“Kodwa ngikholwa ukuthi ikhono lami kumabhola abekwe phansi lingangenza ngihluke.
“Bangabadlali abasezingeni futhi ngisazofunda okuningi kubona,” kuphetha uRapoo.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
