
Usevumbuke kwelaseThekwini uFabisch obekhonjwa kwiChiefs
Umdlali waseZimbabwe okuke kwavela ukuthi uzosayina kwiKaizer Chiefs, u-Jonah Fabisch usesayine kwelaseThekwini.
Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala ujoyine iGolden Arrows ngenkontileka yesikhathi eside.
UFabich ufike eNingizimu Afrika ngoJulayi ngemuva kokushiya iqembu laseGermany, i-Erzgebirge Aue, kanti ubefunwa ngamaqembu amaningi ePSL.
Ngokombiko weFARPost uFabisch waqala wachitha izinsuku ezimbalwa eThekwini ngaphambi kokubuyela e-Europe eyocubungula kahle akufunayo.
Ekuqaleni kuthiwa ubengafuni ukushiya e-Europe njengoba ayenazo nezinye izicelo ezivela emaqenjini angaphandle.
Kodwa iGolden Arrows igcine iwunqobile umjaho wokusayina lo mdlali, njengoba ibifuna ozovala isikhala esishiywe ngu-Isaac Cisse.
Lo mdlali wasesiswini usanda kujoyina iqembu laseBelgium, iRC Sporting Charleroi.
Kubikwa ukuthi u-Jonah Fabisch uzobuyela eNingizimu Afrika ezinsukwini ezimbalwa ezizayo ukuze aqale impilo yakhe entsha KwaZulu-Natal.
AmaZulu FC, iStellenbosch FC, iKaizer Chiefs neSekhukhune United nawo kuvela ukuthi ake abonisa intshisekelo ngalo mdlali.
- FUNDA NALA | Seziqhathiwe kweyeCaf
U-Jonah Fabisch uyindodana kamufi uReinhard Fabisch, umqeqeshi waseGermany owake waqeqesha iMamelodi Sundowns namaqembu esizwe aseZimbabwe naseKenya.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
