
OweLeopards ufuna uRamaphosa asungulele iPSL ‘iMadlanga’
Umengameli we-Black Leopards, uDavid Thidiela, usecele uMengameli weNingizimu Afrika uCyril Ramaphosa ukuba angenelele ekuphathweni kwebhol kuleli.
Uthi ucela uRamaphosa asungule ikhomishana efna neMadlanga Commission of Inquiry ezophenya indlela okuphethwe ngayo iPremier Soccer League (PSL).
Uqhube wathi ibhola laseNingizimu Afrika selisengxakini enkulu kkhulu manje.
UThidiela ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eGoli ngoLwesine.
Kulapho i-Black Leopards ibinikeza khona isibuyekezo ngodaba lwayo oluqhubekayo lokulwela ukugcina indawo yayo kwiMotsepe Foundation Championship.
Leli qembu laseLimpopo lisabambene ngezihluthu nePSL neSouth African Football Association (SAFA) ngenxa yezinsolo zokuthi lavinjelwa ukubhalisa abadlali balo abasha ngesikhathi kuqala isizini edlule.
Ngemuva kokwehlulwa emacaleni kwiPSL Dispute Resolution Chamber, iSAFA Arbitration naseNkantolo eNkulu yaseGoli, leli qembu selidlulisele udaba lwalo eCourt of Arbitration for Sport (CAS) eSwitzerland.
UThidiela uthe ibhola laseNingizimu Afrika lidinga uphenyo oluzimele olufana neMadlanga Commission.
“Angazi ukuthi iligi yethu ibhekephi. Ngicabanga ukuthi idinga iMadlanga Commission.
“Uma le khomishini ingenza okufanayo nalokho ekwenzayo manje, ibhola lizobuyela esimweni esifanele,” kusho uThidiela.
Uphinde wanxusa uRamaphosa ukuba angenelele, ethi ibhola ngelabo bonke abantu baseNingizimu Afrika.
“UMengameli wezwe kumele angenelele ngoba leli bhola ngelabo bonke.
“Onompempe sebengathi yibona abanikazi beligi. Ubaceba kubani uma benza iphutha?
- FUNDA NALA | IChiefs idle umzila wePirates
“Kukhona okungahambi kahle ebholeni lethu, yingakho ngithi iMadlanga Commission ingasisiza.
“Akusiyo i-Black Leopards kuphela ecindezelwayo ebholeni,” kusho yena.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
