
Isinyathelo esithembisayo ngeVAR kuleli
Uhlelo osekunesikhathi lulindelwe lweVideo Assistant Referee (VAR) selusondele kakhulu kunakuqala ebholeni laseNingizimu Afrika.
Lokhu kungemuva kokuthi uMnyango wezeMidlalo, Ubuciko naMasiko uqinisekise “inqubekelaphambili ebalulekile” ekuqalweni kwalo.
UNgqongqoshe wezeMidlalo uGayton McKenzie ubelokhu ekulwela ukwethulwa kweVAR, futhi manje umnyango usukhiphe u-R82 million kwisabelomali sawo “oqondene ngqo nalo msebenzi weVAR.”
Uxhaso luzoya kwezobuchwepheshe, ukuqeqeshwa konompempe, ukuthuthukiswa kwezinkundla, nokwakhiwa kwesikhungo sokuqeqeshela ukusetshenziswa kweVAR.
Ingxenye izophinde iphucule ezokuxhumana ezinkundleni — hhayi nje kweVAR kuphela – kodwa nokuthuthukisa izindlela zezokuphepha, njengokuxhumana okuthuthukisiwe ezimweni eziphuthumayo.
Ngokusho komnyango, osekuzuziwe kuhlanganisa:
- Ukushicilela isicelo seziphakamiso (RFP) sabahlinzeki beVAR.
- Ukuhlonzwa kwezicelo ezivela kubahlinzeki bezinsiza zeVAR.
- Ukuqondanisa nohlelo lweFifa lokwethulwa nokusetshenziswa kweVAR.
ISouth African Football Association (Safa), eyengamele onompempe, inconywe ngomsebenzi wayo “oyisibonelo sokubeka izinto obala, ukuziphendulela, nokuhambisana nemigomo yeFifa”.
Ithimba lomsebenzi weVAR nalo seliqokiwe, kanti iPSL isibuyele ezingxoxweni ukuze kuqinisekiswe ukusebenzisana okufanele.
Nokho umnyango awuzange unikeze usuku lokuthi iVAR izoqala nini ukusebenza ebholeni lakuleli.
Inhloko yonompempe kwiSafa u-Abdul Ebrahim utshele iKickOff.com ngoJuni ukuthi ukusetshenziswa kweVAR okulinganiselwe kungase kuqale ngemidlalo yezindebe kule sizini.
Kodwa ukuqaliswa okugcwele emidlalweni yeligi kuzothatha isikhathi eside ngenxa yezidingo zokuqeqeshwa.
FUNDA NALA | Umhlaziyi uthi uRiveiro ubezihubhela imali nje
“Inqubo yethenda isiqediwe, futhi ikomidi lisadinga ukuqoka umhlinzeki wezinsiza,” kusho u-Ebrahim.
Njengoba uxhaso lukahulumeni selutholakele, ukwethulwa kweVAR akuselona nje iphupho — kodwa sekuyinto esisemome.
