
Ingabe kwenzakalani ngeKaizer Chiefs? UKaze uyachaza
Usale esola ukubhekwa ngqo emehlweni yisambane umqeqeshi weKaizer Chiefs iphindwa yinduku ngoLwesibili ebusuku.
IKaizer Chiefs ihlulwe okwesine kulandelana ngesikhathi ishaywa yiRichards Bay ngo 1-0.
Igoli elinqobise iBay kulo mdlalo weBetway Premiership lishaywe uThulani Gumede esiwombeni sesibili.
UCedric Kaze ube esekhala ngokuthi kuneshwa elibahlasele, waveza ukuthi unethemba lokuthi bazodlula kulesi simo.
UMKHOKHA OMUBI
Umkhokha omubi wokulinyalelwa abadlali uqhubekile njengoba u-Inacio Miguel elimale sebezivocavoca ngaphambi komdlalo.
“Besingaqinile kahle emuva ngenxa yokulimala kukaMiguel ngesikhathi bezivocavoca ngaphambi komdlalo,” kusho uKaze.
“Nokumiswa kukaZitha kwenze silushintshe lonke udonga lwasemuva futhi ngikholwa ukuthi lokho kube nomthelela ekutheni sihlulwe.
“Kodwa kumele senze kangcono. Osekusele manje wukuthi sibuyele ejimini siyosebenza kanzima.
“Sizothemba nokuthi abadlali abalimele nabamisiwe bazobuya maduze bazosiqinisa.”
‘UVUKE ENGAZIZWA KAHLE’
Ebuzwa ngokuthi kwenzekeni kuMiguel, uthe uvuke engazizwa kahle.
Nokho bebenethemba lokuthi uzokwazi ukudlala njengoba odokotela bemzamile kodwa kwala khona ukwenza.
Ube esekhala nangokufulathelwa yinhlanhla njengoba nomdlalo bewuqede bengasaphelele.
UNkanyiso Shinga – obedlala okokuqala – ulimale umdlalo usuyophela iKaizer Chiefs seiyuqedile uphawini wayo wokushintsha.
“UShinga ulimale sesiqedile ukushintsha ngakho saqeda umdlalo singasaphelele,” kuqhuba uKaze.
“Lokho kwenze kwaba nzima. Sinethemba lokuthi lesi sikhathi esinzima esibhekene naso sizodlula.
“Kumele manje sibambane bese sisebenza kanzima ukujika izinto.”
FUNDA NALA | UNiang uveza indlela uPitso atsotsa ngayo iPirates
IKaizer Chiefs izoba nesikhashana ngaphambi komdlalo olandelayo, okuzoyinika isikhathi sokwelapha abadlali abalimele.
Izoze ibuyele enkundleni ngoMashi 15 isiyobhekana neDurban City ekhaya eFNB Stadum.
