
Okushiwo oweDowns behluleka ukudedela imvula yamagoli
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, uvumile ukuthi kudingeke ukuthi azame ukulawula umdlalo ngesiwombe sesibili benqoba ngo 2-0, behlula iqembu labasafufusa iMpheni Home Defenders.
Lezi ziqhwaga zePSL ziwuqale kahle lo mdlalo weNedbank Cup obudlalelwa eLucas Moripe Stadium ngeSonto ntambama.
Ziqale ukwakha amathuba amahle okushaya amagoli ngomzuzu wesibili womdlalo.
Futhi zishaye igoli lokuqala ngomzuzu wesishiyagalombili. Ngomzuzu ka-30, bese zihamba phambili ngo 2-0 kanti umdlalo ubuthembisa uzamcolo wamagoli.
Kodwa ikhadi elibomvu likaTashrique Mathews ekuqaleni kwesiwombe sesibili lishintshe izinto kuwo womabili amaqembu.
UCardoso kudingeke ukuthi alawule umdlalo, okusho ukuhlasela ngokuqaphela nokuqinisekisa ukuthi badlulele kuma-quarter final.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uCardoso ubuzwe ukuthi ugculisekile yini ngokudlala kweqembu lakhe nangomphumela.
“Lowo ngumbuzo othakazelisa kakhulu,” kusho lo mqeqeshi weSundowns odabuka ePortugal.
“Kuyathakazelisa ngoba ngemuva kokushaya igoli lesibili kulindeleke ukuthi uqede umdlalo unamagoli amaningi.
“Kodwa – futhi ngibatshelile abafana ngesikhathi sekhefu – ukuthi kufanele sishaye amagoli engeziwe.
“Bekusobala ukuthi besingakwenza lokho ngisho nangesiwombe sokuqala. Kodwa uTashrique wenza iphutha wabe esekhishwa…
“Lokho kusibophezele ukuthi silawule umdlalo, futhi lokho sikwenzile,” wengeza.
UMathews nguyena oshaye igoli lokuqala leSundowns, uBathusi Aubass washaya elesibili.
Yize ingagculisanga iSundowns, futhi mhlawumbe bekuwumdlalo ongekho ezingeni layo, okubalulekile ukuthi ifinyelele emzuliswaneni olandelayo.
