
UBadela uphawula ngokushiya isigubhukane kwiChippa
Obengumqeqeshi weChippa United, uSinethemba Badela, usegcine ephumele obala ngokushiya kwakhe isigubhukane kuleli qembu — futhi uyagcizelela ukuthi akanagqubu ngakho.
USinethemba Badela ujoyine iChilli Boys ngoJulayi kodwa wahlala isikhashana – ube sebhentshini imidlalo emibili nje kuphela ngesizini entsha yeBetway Premiership.
Isikhathi sakhe esifushane sihlanganisa ukudlala ngokulingana ngo 1-1 neMamelodi Sundowns nokuhlulwa ngo 1-0 yiDurban City.
Obeyiphini lakhe ngaleso sikhathi, uMusa Nyatama nguye owayehola iqembu ngesikhathi lihlulwa ngo 4-1 yiTS Galaxy.
Ekhuluma neFARPost, uSinethemba Badela uthe unokuthula ngaphakathi ngendlela izinto eziphele ngayo phakathi kwakhe neChippa.
“Angiphoxekile nhlobo. Ngiyalibonga leli thuba. Singahlela, kodwa uNkulunkulu nguyena onqumayp,” kusho uBadela.
Lo mqeqeshi oke wasebenza eqenjini leDDC yeMamelodi Sundowns ukholwa ukuthi ukushiya huma kwakhe bekuyingxenye yohlelo olukhulu.
“Mhlawumbe uNkulunkulu ubefuna ngithathe ikhefu, ngibuyele esikoleni, futhi ngizithuthukise ngaphambi kokuphinde ngiqeqeshe ezingeni eliphezulu.”
USinethemba Badela uveze ukuthi isikhathi sakhe sokuphumula simvumele ukuthi agxile ekutholeni iziqu zokuqeqesha zeCaf A License.
“Ukube ngahlala, mhlawumbe ngabe angibanga naso isikhathi salezi zifundo ebengizidinga okwangempela.”
Noma kunjalo, uyavuma ukuthi imbangela yesinqumo sokuxoshwa kwakhe kwiChippa akasazi namanje.
“Abazange bangichazele ukuthi kungani ngixoshwa. Iqembu nalo alikaze lenze isitatimende lichaza ngakho,” kuqhuba yena.
FUNDA NALA | OwoSuthu akafune zaba kodwa amaphuzu aphelele kowomkhaya
Uyiphikile imibiko yokushayisana phakathi kwakhe nabaphathi ngokusayiniswa kwabadlali, wathi konke bekusobala kusukela ngosuku lokuqala.
“bekungekho okungahambi kahle. Kwesinye isikhathi izinto kuyenzeka zivele zingasebenzi,” kwengeza uBadela.
FUNDA NALA | IChiefs isiselana nelaseKZN ngabadlali
Njengamanje uyazivuselela futhi uqhuba izifundo zokucija ulwazi lwakhe lokuqeqesha, kanti uthi okumenze kwiChippa “kuzomenza umqeqeshi ongcono ngesikhathi esizayo.”
