EzintshaKaizer Chiefs

Ingcindezi kuNjabulo Blom okumele alwele ikusasa kwiChiefs

UNjabulo Blom, oneminyaka engu-25 ubudala, ubolekiswe yiqembu le-US Major League Soccer iSt. Louis City SC. 

Isivumelwano sakhe siphela maduze, futhi sekuvele ukuthi kuncike ekusebenzeni kwakhe ukuthi uzophelelaphi.

Ubuyele kwiChiefs ngokubolekiswa konyaka owodwa okunombandela wokumthenga ngokugcwele uma iChiefs yeneliseka ngaye. 

Bekulindelwe lukhulu kulo mdlali ophuma enkulisa yaMakhosi njengoba ebuye esenamava okudlala phesheya.

Kodwa uNjabulo Blom uthwale kanzima ukwenza kahle ngaphansi komqeqeshi uNasreddine Nabi.

Uhlulekile ukuzibekisela indawo eqenjini eliqala imidlalo nokubeka ikusasa lakhe eNaturena engcupheni.

“Bekulindeleke ukuthi abe ngokumye wabadlali abaphambili ekuvuseselweni kweqembu, kodwa akazange enze kahle,” kusho umthombo osondelene neqembu kwiFARPost.

Kuze kube manje, uBlom usaqale imidlalo engu-10 waphiinde wangena kweminye eyisishiyagalombili esuka ebhentshini. 

Usetshenziswe ezindaweni ezimbili – emuva kwesokudla nomdlali nasesiswini maphakathi nenkundla.

Noma kunjalo, akakakhombisi ifomu eyamenza wathathwa yiSt. Louis ngoJanuwari ka-2023.

IKaizer Chiefs beyibheke ukubona okuningi kuNjabulo Blom, kodwa kubukeka sengathi alenelisekile okwamanje.

“Usenalo kodwa ithuba lokuzibonakalisa,” kwengeza umthombo.

Njengoba iChiefs isendaweni yesishiyagalombili futhi inomdlalo owandulela owamanqamu kwiNedbank Cup, uBlom usanethuba lokuzibonakalisa.

Inkontileka kaNjabulo Blom neSt. Louis iphela ngoDisemba kulo nyaka. Ekupheleni kwale sizini yePSL, kuzobe sekusele izinyanga eziyisithupha kuphela kuyona.

Lokho kwenza amasonto ambalwa alandelayo abaluleke kakhulu kuye ngoba angase acacise ngekusasa lakhe.

Njengoba uReeve Frosler elimele, kushiye uNabi engenabo abadlali abaningi angaqoka kubo emuva kwesokudla. 

Nokho okwamanje usebenzisa uDillan Solomons, kodwa naye akenzi kahle okungavulela uBlom intuba yokubuyela eqenjini000.

Umdlalo owandulela owamanqamu weNedbank Cup uyithuba elikhulu kuBlom ngoba uNabi uzodinga abadlali abazomelana nengcindezi yeMamelodi Sundowns. 

UBlom, oteketiswa ngegama elithi ‘uStopper’, kuzomele alisebenzise kahle ithuba uma elinikwa.

Uma enze kahle, engenza iqembu lisale selimgcina unomphelo. Uma kungenjalo, iChiefs ingase imdedele.