EzintshaMamelodi Sundowns

Akucaci ngenkontileka kaMosa Lebusa kwiSundowns

Le kilabhu yaseChloorkop beyike yazwakalisa intshisekelo yokwelula inkontileka yakhe ngokwengeza ngeminye iminyaka emibili. 

Kodwa ukufika kwakamuva kukaKeanu Cupido noLucas Suárez sekuqale ukungabaza ngekusasa lakhe.

Ngokokuka kwezinto njengamanje, lo mdlali oneminyaka engu-32 ubudala ukhululekile ukusayina inkontileka yesibambiso nanoma yiliphi iqembu njengoba esezinyangeni eziyisithupha zokugcina zenkontileka yakhe. 

Nokho kubikwa ukuthi yena usafuna ukuhlala kwiSundowns ngakho usahlalele ethembeni ngenkontileka entsha. 

Imithombo yaleli qembu iveze ukuthi uMosa Lebusa usahlonishwa kakhulu yithimba labaqeqeshi ngokunjalo nabaphathi kwiMamelodi Sundowns. 

Kodwa izingxoxo ngenkontileka entsha zisamile okwamanje futhi akucaci ukuthi kungani.

“Isimo sikaMosa silula empeleni, yean ukucacisile ukuthi ufuna ukuhlala. 

“Iqembu nalo belike lakuveza ukuthi lifuna ahlale ngenxa yokwethembeka nokuzinikela kwakhe,” kucashunwe ongaphakathi eqenjini esho kanje kwiPhakaaathi. 

“Anginaso isiqiniseko sokuthi kungani izingxoxo zimile njengamanje njengoba bekubonakala sekuseduze kuvunyelwane. 

“Yena ufuna ukuyodlala kwiClub World Cup neSundowns ngoJuni. 

“Futhi ngangitshelwe ukuthi ikilabhu ifuna ukumelulela ngeminyaka emibili.”

ULebusa, okwazi ukudlala maphakathi emuva nakwesokunxele emuva, ujoyine iSundowns ngo-2018 esuka kwi-Ajax Cape Town. 

Kule sizini, usedlale imidlalo engu-11 kwiBetway Premiership nemihlanu kwiCaf Champions League, esehlanganise imidlalo engu-22 kuyo yonke imiqhudelwano. 

Nokho kungenzeka ukuthi ukufika kukaCupido noSuarez sekwenze iqembu lahudula izinyawo njengoba kuthia umqeqeshi ufuna ukwehlisa isibalo sabadlali.

Sekuke kwavela ukuthi uMiguel Cardoso ufuna ukusala okungenani nabadlali abathathu abadlala indawo eyodwa.

Njengamanje uLebusa ulibanga noSuarez, uKegan Johannes, uMothobi Mvala noKeabu Cupido. 

UCardoso usenakho-ke nokusebenzisa uTeboho Mokoena emuva aphakathi nenkundla ngokwendlela alihlela ngayo iqembu.