Bafana BafanaEzintsha

Usefikile uMosimane eSAFA House, uzohola iBafana Bafana

UPitso Mosimane useqinisekisiwe njengomqeqeshi omusha weBafana Bafana, ethatha izintambo kuHugo Broos.

ISouth African Football Association (SAFA) iqinisekise ukuqokwa kwakhe ngoLwesibili, ngemuva kwamasonto ambalwa izingxoxo zenkontileka ezibambezele ukuqokwa kwakhe ngokusemthethweni.

UMosimane ubesevele egunyazwe yiNational Executive Committee (NEC) yeSAFA ngo-Agasti 8. 

Nokho, lokho kwakungakabi ukuqokwa okuphelele njengoba kwakusadingeka kuphothulwe ezinye izivumelwano. 

Izingxoxo zenkontileka zathatha isikhathi ngenxa yokungaboni ngasolinye ngezinto ezithile ngaphandle kweholo.

Kuthiwa iSAFA noMosimane babevumelene ngemigomo yezimali. 

Kodwa kwaba nezinkinga mayelana namalungelo ezithombe zakhe (image rights), i-podcast yakhe ethi Changing the Game with Pitso nephrojekthi yakhe yebhola yentsha, iPitso Mosimane Soccer Schools. 

Kuthiwa iSAFA ibifuna ukubeka imingcele ekusebenziseni kukaMosimane igama nesithombe sakhe kwezentengiso ngesikhathi esengumqeqeshi weBafana.

Bekukhona nokukhathazeka ngokuthi amabhizinisi akhe ebhola, i-podcast neminye imisebenzi yakhe kungaphambana nezinhlelo zeSAFA. 

Lokhu kube yizinto ebezibambezela ukuthi asayine inkontileka. 

U-Pitso Mosimane usebuyela kwi-Bafana Bafana eminyakeni engaphezu kwengu-14 ngemuva kokushiya lesi sikhundla ngo-2012.