EzintshaMamelodi Sundowns

Isinqumo sikaMiguel Cardoso ngoSuarez ‘onamaphutha’ 

Yize emvikelile phakathi nesonto, kodwa umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso usenqume ukumgaqalisi umdlali wasemuva uLucas Suarez. 

Lo mdlali wase-Agerntina Uoneminyaka engu-30 ubudala ube nebhadi lokwenza amaphutha abucayi emidlalweni yakamuva yeMamelodi Sundowns.

Ukuzama kwakhe ukuphasela uTeboho Mokoena kuphethe ngokuthi ibhola lidliwe uWandile Duda obe eseyolinamathisela enethini emdlalweni weNedbank Cup ngempelasonto edlule.

IChiefs iqhubekile nokushaya elinye igoli yanqoba lo mdlalo owandulela owamanqamu, kwasala imibuzo ngoLucas Suarez. 

Kodwa uMiguel Cardoso umvikelile uLucas Suarez ngesikhathi ekhuluma nabezindaba kuleli sonto.

Ubekhuluma ngomdlalo obalulekile weCaf Champions League la bezobhekana khona ne-Al Ahly. 

“Umuntu owenza amaphutha amaningi yimina,” kusho uCardoso lapho ebuzwa ngoSuarez. 

“Mhlawumbe ngaphambi kokuba noma yimuphi umdlali enze iphutha, nami ngenza amaphutha amaningi.

“Iphutha lokuqala engilenzayo liba lapho ngiqoka abadlali abazoqala umdlalo. 

“Ngesikhathi ngibakhetha, kuba nabadlali abangu-22 abacabanga ukuthi ngenze iphutha nabanhye abantu abaningi abacabanga ukuthi ngenze iphutha,” kusho uCardoso.

“Amaphutha ayingxenye yomdlalo, kunjalo, kukhona amagoli avela ngeminyakazo emihle engalona iphutha lomuntu othile.

“Kodwa amagoli amaningi avela ezintweni ezincane ebezingenzeka ngenye indlela noma ezingenzeki ngendlela efanele emdlalweni.” 

Kukho konke lokhu akushilo, uMiguel Cardoso ushiye uLucas Suarez ebhentshini emdlalweni obalulekile eLoftus Stadium lapho amaBrazillians ezohlangana khona ne-Al Ahly. 

AMasandawana azodinga ukunqoba ngaphandle kokungenelwa yigoli, noma ukudlala ngokulingana kungenagoli ukuze azibeke ethubeni elihle lokudlulela kowamanqamu.

Umlenze wesibili uzodlalelwa ekuhambeni eCairo International Stadium e-Egypt ngo-Ephreli 25. 

  • Ibophele kanje iSundowns kulo mdlalo: Williams – Mudau, Modiba, Kekana, Lebusa – Mathews, Adams, Mokoena, Allende – Shalulile, Ribeiro
  • Ebhentshini: Onyango, Suarez, Mdunyelwa, Tiwani, Mkhulise, Aubass, Sales, Zwane, Rayners